ISuperSport ngeke ilivimbe iqembu elifuna uGrobler uma livumelana naye

OkaDonga Gumbi
Isikhulu seSuperSport United, uStan Mathews, sithi ngeke bamvimbe umgadli wabo ovutha engabaselwe kulezi zinsuku, uBradley Grobler uma kukhona iqembu elifisa ukumsayina.
Sekuvele kunezinkulumo ezisakhulunyelwa phansi ezithi uGrobler ungomunye wabadlali abacathanyelwa yiKaizer Chiefs ezobasayina uma sekuphele isigwebo sayo sokungasayini abadlali eyasinikwa yiFifa.
Manje njengoba isigwebo siphela ekupheleni kwale sizini, Amakhosi asevele aqalile ukuzwa ukuthi yibaphi abadlali kwabafunwa wumqeqeshi, uGavin Hunt abangatholakala kanti uGrobler noBuhle Mkhwanazi babalwa kulabo.
Ekhuluma neSunday World ngempelasonto, uMathews uthe uma kukhona iqembu elifuna uGobler – oseshaye amagoli alishumi emidlalweni engu-11 kuDStv Premiership – lingakhuluma naye kodwa lingaze limthole uma sekuphele isizini.
“Ngeke sikwazi ukulahlekelwa wumgadli wethu ophambili njengamanje. Senza kahle kakhulu, sisebhizinisini futhi sinengcindezi yokuthi sidlale kahle. UBobby Motaung wake wangifonela, sakhuluma ngamchazela ukuthi ngeke sikwazi ukudayisa uBrad ngaleso sikhathi – kodwa lapho bekungaphambi kokuthi bavalwe yiFifa ekusayineni abadlali. Angikaze ngikhulume naye ngemuva kwalokho,” kuchaza lesi sikhulu.
Uthe engxoxweni asanda kuba nayo noGrobler, lo mgadli oneminyaka engu-32, uveze isifiso sokubeka amakhokho ethala sisekhona kuMatsatsantsa a Pitori. “UBrad usehlale nathi isikhathi eside manje. Usesikhathini la ephezulu ngebhola lakhe, futhi useshaye namagoli ayishumi emidlalweni eyishumi. Asifuni ukulahlekelwa nguyena, futhi usalelwe unyaka nohhafu kwinkontileka yakhe neqembu.
“Ngikhulumile naye wathi engakujabulela ukuqedela ibhola lakhe lana eqenjini. Kodwa uma kukhona abamfunayo, abazomnika mhlawumbe imali ephindwe kabili noma kathathu kule esimnika yona thina, ngeke simvimbe. Sizohlala phansi njengeqembu silalele ukuthi bathini.
“Sinesikalo senani (lemali) esingadluli kuso la kwiSuperSport kanti uBrad usenze konke okufanele ukuzithola esesimweni sokuthi mhlawumbe akhulise umholo wakhe kwelinye iqembu,” kuchaza uMathews.
Uthe iSuperSport ayikaze nakanye yabimbela umdlali uma esenesifiso sokuyodlala kwelinye iqembu uma nalo lizimisele ukwenza izinto ngendlela efanele.
“Lude kabi uhlu (lwabadlali esabadedela). ODaine Klate, Katlego Mashego, Teko Modise, Thandani Ntshumayelo, Elias Pelembe, Anthony Laffor, Dennis Onyango, Siboniso Gaxa, Hlompho Kekana noGeorge Maluleke ngabanye babadlali esabadedela bahamba.”
UGobler uke wafunwa nayi-Orlando Pirates uthuli kule minyaka embalwa edlule kodwa yabe seyikhohlwa nguye emva kokuba seyithole uGabadinho Mhango.

Leave a Reply

Your email address will not be published.