ISwallows ‘beyisophe indebe’ njengoba ile emsileni nje

ISwallows 'beyisophe indebe' njengoba ile emsileni nje
UBrandon Truter
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

ISwallows FC indizela phansi le emsileni welogi yeDSTV Premiership okuyinto okufanele ukuthi ibashayisa novalo abalandeli bayo.

Ngesizini edlule iZinyoni zifike kwabonakala kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship.

Empeleni ngemuva kwemidlalo engu-11 ngesizini edlule iSwallows ibisendaweni yesithathu kwilogi.

Nokho kulokhu izithola isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngemuva kwemidlalo efanayo.

IZinyoni zisawine umdlalo owodwa kuphela lapho zishaye khona iRoyal AM emdlalweni wokuqala weligi.

Sezidlale ngokulingana kahlanu zase zithola induku kahlanu. Ngabe beluthini uhlelo lweSwallows kule sizini ngemuva kokunyukela kwiligi enkulu ngesizini edlule?

“Uhlelo lwethu bekuwukuthi sinyuse izinga kule sizini. Besihlele ukuthi siwine indebe ngesizini yethu yesibili esigabeni esukhulu.

“Yilokho ebengikuhlelile nobekusemqondweni wami,” kusho umqeqeshi weSwallows uBrandon Truter.

Lo mqeqeshi useke wamiswa isikhashana engazimbandakanyi neqembu ngenxa yakho ukungayitholi kwalo imiphumela.

Ukhuluma kanjena nje iSwallows ishaywe yiTS Galaxy ngo 1-0 ngeSonto emdlalweni weligi.

Lokhu kwenze ukuthi ishoveleke ezansi.

“Kulula kakhulu ukushintsha izinto ebholeni. Kumele sibhekane ngqo nezimo ezikhona esinazo eqenjini.

“Kufanele sibone ukuthi yini eyenzekayo, mhlawumbe yindlela yokuziphatha nomake isimo esithile sokomqondo.

“Nokho uyabona indlela esihleleke ngayo nesidlala ngayo, nokuthi sifuna ukwenzani.

“Kodwa yisimo sokomqondo nokuzimisela komdlali ngamunye okubalulekile.”

Umbuzo omkhulu owokuthi iSwallows izoshaya liphi iqembu njengoba ekuqaleni kwesizini ikwaze ukushaya yiRoyal AM ingakafomu, nakhu manje seyishaywa yiTS Galaxy ebihleli emsileni.

“Wonke amaqembu ayashayeka kule ligi yethu. Sesikukhombisile lokhu kodwa into ebalulekile ukushaya amagoli.

“Ngabe siyishayile iGalaxy namuhla kodwa uwina kuphela uma ubeka amabhola enethini.

“Amagoli yiwona akuwinela imidlalo kanti njengamanje yilapho singebahle khona okwamanje,” kuphetha uTruter.

Emdlalweni olandelayo weSwallows ngeke kube lula nakancane njengoba izobhekana neKaizer Chiefs, ebukeka ibuyelwa yifomu ngemuva kokungaqali kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *