ISwallows ibukeka isazoba nezinkinga nangesizini ezayo

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kubukeka isazobamba iyeka nangesizini ezayo iSwallows FC uma igcina ikwazile ukubalekela izembe ekupheleni kwale sizini.

IZinyoni zaseDube zizabalaza endaweni ka-13 kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-13 emidlalweni engu-16. Lesi yisimo esihluke kakhulu uma kubhekwa ukuthi iSwallows ibibalwa namaqembu amathathu aphezulu ngesizini edlule ngemuva kwemidlalo efanayo

Okuzokwenza ukuthi kuphinde kube lukhuni kwiSwallows ngesizini ezayo, ukuthi iningi labadlali abawumgogodla weqembu njengamanje babolekiwe. Lokhu kuzosho ukuthi iZinyoni kumele ziqale phansi zakhe kabusha ngesizini ezayo.

Kubadlali ababolekiwe abahlale bedlala singabala uGrant Margeman, obolekwe kwiMamelodi Sundowns, uKeletso Makgalwa (Sundowns), uJody February (Sundowns), u-Austin Wowo, ongowe-Orlando Pirates noMonnapule Saleng (Pirates).

Bobahlanu laba badlali laba badlali badlala kahle kwiSwallows ngakho kuzomele iqale phansi ngesizini ezayo uma amaqembu abo ethi ababuye. Enye yezinkinga ezibeke iZinyoni lapho zikhona ukuhlakazeka kweqembu ebelidlala kahle ngesizini edlule.

Phakathi kwabadlali abashiye iSwallows singabala uNjabulo Ngcobo, Sifiso Hlanti noKgaogelo Sekgota, bonke abajoyine iKaizer Chiefs. USammy Seabi ubuyele eqenjini lakhe iMamelodi Sundowns ebimbolekisile kwiSwallows. USeabi usebolekiswe kwiChippa United.

Lokhu kuphila ngokuboleka abadlali kwamanye amaqembu kuza nobubi obuthile kwiZinyoni ezibukeka zingakwazi ukwakha kahle iqembu lazo eliqinile. Ngeke wakhe iqembu ngabadlali abangabizwa noma yinini ngamaqembu abo uma kuphela isivumelwano sokubolekisa.

IZinyoni zinomdlalo onzima ngoMgqibelo lapho zizobhekana khona neCape Town City, eCape Town Stadium, ngo-8.15 ebusuku. Leli qembu liholwa uFani Madide kulezi zinsuku njengoba uDylan Kerr esalinde amaphepha okusebenze kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.