ISwallows igolozele namaphuzu kwiSundowns

ULebohang Maboe noKamohelo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Okuhle ngeSwallows FC wukuthi ayihlulwa. Okungekuhle ngalezi zinkunzi zaseSoweto wukuthi aziwini. Emidlalweni engu-28 kule sizini, iSwallows isidlale ngokulingana amahlandla angu-18.

Isahlulwe Kanye kanti iwine imidlalo eyisishiyagalolunye. Iphinde yama yafingqa nayo phambi kweMamelodi Sundowns, yagoloza ukufa ukuhlulwa emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

Empeleni nje beyinalo ithuba lokuba yiqembu lesibili ukushiya umaka kwiBrazillians. Kwale yona ihlanhla. Ngokomdlalo, yenze konke kahle futhi bekungeke kuthuse ukuba baphume namaphuzu agcwele.

Emizuzwini engu-30 yokuqala. iSwallows ikwazile emizuzwini yokuqala ukuvimba iSundowns ingadlali ngendela ejwayele ngayo. Beyingayiniki isikhathi ebholeni. Bekuthi zilithola izinyoni zilisebenzise kahle yize bezifika zilahlekelwe wulayini uma seziphambi kwepali.

ISundowns beyiyiqala emuva iminyakazo yayo, kodwa uma ithi iyanyuka, ifike ingayitholi indlela yokunqamula esiswini. Nokho kuphele isiwombe seyidlala kangcono futhi seyike ikhombise ubungozi bayo phambili.

Kusanda kuqala isiwombe sesibili, uThemba Zwane uthunukalile wacela ukuthi akhishwe. Kungene uSibusiso Vilakazi. U-Aubrey Modiba ubethi uyamudla uSanele Tshabalala ngomzuzu ka-53, kodwa lo nozinti osemncane watichitha ibhola lakhe.

UPeter Shalulile uyeke imbuzi yethuba ngomzuzu ka-72. Uphaselwe elihle ibhola nguVilakazi, waqengqeleka ebheke kunozinti, kodwa wavele wathuka ezwa izigi zikaJunaid Saait, walibhamuza phezu kwepali.

UKagiso Malinga – obesenemizuzu embalwa engenile – ucishe wayibeka phambili iDube Bords ngomzuzu ka-76. Empeleni nje ube nebhadi ukuthi ibhola lakhe lizishayise epalini selimdidele uReyaad Pieterse. Ubelingqofe ngobuchule kade ligotshwe nguSifiso Hlanti.

Ukube ucishe uyadlelwa ngabe iwinile iSwallows ekugcineni njengoba ibhola ebeligotshwe uHlanti, lihlangane noSaaity, walingqofa lazishayisa kuMosa Lebusa. Nokho ube nebhadi laceza kancane ecelieni kwepali selimehlulile uPieterse.
Email: Editor@impempe_com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.