ISwallows ijikele iBaroka esiswini iyiphuca amaphuzu isiwaphethe ngesandla

OkaDonga Gumbi

Cishe kuthe uma zihamba phambili ngo 2-0 ezakhe wawabala amaphuzu uKgoloko Thobejane oqeqesha iBaroka FC.

Phela amaphuzu amathathu abezoyisiza kakhulu iBaroka ukuthi izibeke ethubeni elihle lokuvika izembe kodwa iSwallows yenqabile, yagcina kuyiyo ehamba namaphuzu agcwele.

Lokhu kwenzeke emdlalweni weDStv Premiership obushisa ePeter Mokaba Stadium ngeSonto ntambama.

USekela Sithole usheshe wayibeka ebuhleni iBaroak ngegoli alishaye kungakapheli imizuzu engu-20 umdlalo uqalile.

Leli goli libonakale liyiphaphamisa iSwallows njengoba ibe seyizama ukubuya. UKeletso Makgwalwa ubethi uyayibuyisela emdlalweni ngomzuzu ka-23, kodwa balivimba ibhola lakhe.

Lo mdlalo obolekwe kwiMamelodi Sundowns uqhubekile nokuba wuhlupho nephela endlebeni ezitobheni zeBaroka.

Buka nje ngoba ngomzuzu ka-31 udedele ishodi ethi uyaqeda ngonozinti weBaroka u-Elvis Chipezeze kodwa walivimba lo nozinti.

Kuyiwe ekhefini isahamba phambili iBaroka kodwa neSwallows beyinezimpawu zokuthi kukhona engase ikwenze.

FUNDA NALA: UMngqithi akafuni kusolwane ngemuva kwehlazo leSundowns kwiChampions League

Kuthe kusanda kubuywa ekhefini, kwacaca ukuthi ixwayisiswe iBaroka ngengozi ebaqalazayo nengase ibenze baphucwe iqatha emlonyeni.

Kuthe kusaphele imizuzu emihlanu, uRichard Mbulu waliqulela enethini elesibili nelifake iSwallows ingcindezi ephindiwe.

Nokho ayizange iyizwele leyo ngcondezi iDube Birds, okunalokho ivuke indlobane yenqaba ukushiya amaphuzu agcwele.

UMwape Musonda ushaye amagoli asheshayo ngomzuzu ka-61 noka-63 kulandelana okwenze umdlalo washuba njengoba besezilingana nje.

Izinyoni besingasagayelwe mphako ngemuva kwalamagoli sezibonile ukuthi zingakwazi ukuwadla wonke amaphuzu, zishiye kukhalwa eLimpopo.

UKamohelo Mahlatsi ube nethuba ngomzuzu ka-73 kodwa alangasebenza. NoMusa Nyatama udedele usalimede ngomzuzu ka-74, kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini.

Esikhathini esingengakanani ukusuka lapho uNyatama ugcine elinamathiselile enethini enika iSwallows amaphuzu amathathu abalulekile.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.