ISwallows indizele endaweni yesibili emva kokushaya iBaroka

OkaDonga Gumbi

ISwallows iphinde yandiza yayothi cababa endaweni yesibili kwiDStv Premiership emuva kokushayela ekhaya iBaroka FC ngo 1-0 e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leSwallows libe yiphenathi evalelwe enethini nguRuzaigh Gamaldien ngesiwombe sokuqala. Ngaphambi komdlalo, iDube Birds beyihlehliselwe endaweni yesithathu yiSuperSport United eqhamuke kungazelele muntu isizolamana nomakhelwane bayo iMamelodi Sundowns, okuyiyona eqhwakele. La maqembu asePitoli abenomdlalo omkhulu womkhaya ngoMgqibelo, waphela zibambene kungenagoli.
Lokhu kuvulele ezikaBrandon Truter lokuthi uma ziwina zibuyele endaweni yesibili – nokho ngenxa yamagoli njengoba belingana ngo-25 wamaphuzu neDowns.
“Bekuwumdlalo onzima, besidlala neqembu elikuhlasela ngokukuzuma, ngakho bekumele sihlezi siqaphile. Angikhumbuli bekhahlelela ipali lethu. Okay, mhlawumbe ngasekugcineni komdlalo ngesikhathi sebesicindezela sesihamba phambili ngo 1-0, kwenzekile,” kuchaza uTruter ngomdlalo.
UTruter uthe ezakhe zidlale kahle kakhulu yize bezisekuhambeni, futhi yizo ebezilawula ukuthi umdlalo uhamba kanjani.
“Besiwuphethe umdlalo kodwa besingekho bukhali ngendlela efanele ezimeni ezinjeyana. Lokho yinto okumele siyisebenze ngaphambi komdlalo olandelayo.
“Ngale kwalokho ngijabule ngohlaka lweqembu, ngijabule ngendlela esilidlala ngayo ibhola.”
Nokho amathuba abawayekile yinto esazongamlalisi kahle ebusuku uTruter njengoba ethi abafuni bazithole sebezisola sebekhalela amathuba abangeke besabuyela kuwo.
“Amathuba esiwatholile ayangikhathaza – kuze kwasiza iphenathi ukuthi siwine namuhla – kodwa-ke ukuvalela enethini amathuba yinto esiyisebenzayo. Uma singakulungisa lokho, singawina kamnandi. Okwamanje ngijabule ngamaphuzu amathathu futhi sengibheke umdlalo olandelayo,” kuphetha uTruter.

Leave a Reply

Your email address will not be published.