ISwallows isihlome ngonyazi lomgadli obebhubhisa kwiPSL

ISwallows isihlome ngonyazi lomgadli obebhubhisa kwiPSL
UMwape Musonda
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Swallows FC

Sesiphelile isikhathi sokuthi iSwallows FC idlale ngokulingana njengoba seyisayine unyazi lomgadli waseZambia osatshwayo kwiDStv Premiership, uMwape Musonda.

Lo mgadli obevutha engabaselwe kumasizini amabili edlule. Uhambe kuleli efiswa amaqembu amaningi kodwa axakwa yimali eyayifunwa yiBlack Leopards ngaleso sikhathi.

Usayine kwiHatta Club yase-United Arab Emirates ahlale kuyo isikhashana wabe esebolekiswa kwi-Al Sahel Club eSaudi Arabia njengoba esebuyile nje.

Izindaba zokusayina kweSwallows lo mgadli zivezwe ngomunye wezikhulu zeqembu uPanyaza Lesufi ngoMsombuluko ntambama.

ULesufi uvele wafaka isithombe salo mdlali esejimini yeziNyoni zaseDube qede akangasho lutho kodwa kwacaca ukuthi sebemsayinile.

Uma esesezingeni ayekulo ngesikhathi egcina ukudlala kuleli, uMusonda uzoyisiza kakhulu iSwallows ebidlala kahle kodwa ingawini ngesizini edlule.

FUNDA NALA: Sekubhekwe isinqumo ngecala leRoyal AM lokuduba imidlalo

Leli qembu likaBrandon Truter liqophe umlando ngokudlala ngokulingana amahlandla angu-20 emidlalweni engu-30 yeligi. Lokhu kuyibeke endaweni yesihlanu kwilogi.

Beyithembele kuRuzaigh Gamildien kuphela ngamagoli ngesizini edlule kanti uzokwehla umthwalo nakuye uma sekukhona uMusonda.

Lo mgadli udabuka eZambia kanti uneminyaka engu-30 manje. Useke wadlala kwi-Orlando Pirates neGolden Arrows phambilini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *