UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Isiqashe uDylan Kerr iSwallows FC ukuzama ukuyibuyisa emazinyweni engwenya njengoba ilengela ezembeni.
Lokhu kulandela ukuthi ixoshe uBrandon “Brakkies” Truter nethimba lakhe ngeSonto ebusuku.
ISwallows ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 3-1 ngeSonto okuyenze yehlela emsileni kwiDStv Premiership.
Ngenxa yalokhu, abaphathi babone ukuthi akusekho uTruter nethimba lakhe abangakwenza okuhlukile.
Ukuqashwa kukaKerr kuvele ngoLwesibili ntambama njengoba kuputshuke izithombe zikasihlao weqembu uDavid Mogashoa enaye.
UKerr w=uzakhele igama kuleli ngesikhathi esebenza kwiBlack Leopards nakwiBaroka FC phambilini.
Udaba olusaqhubeka lolu futhi sizoshicilela eminye imininingwane uma seyivelile.