ISwallows iyahohoza ‘ngekhehla’ eliphiwa yiRoyal AM

ISwallows iyahohoza 'ngekhehla' eliphiwa yiRoyal AM
Sbongs Gumbi

ISwallows FC izwakala ingenawo umdlandla wokusayina umdlali emphiwa yiRoyal AM njengoba isikhulu sayo sithi bafuna ukwakha kabusha ngabadlali abasebancane.

Kuvele ukuthi iRoyal AM yayivumelane neSwallows ukuthi izothenga abadlali bayo abathathu okungoRuzaigh Gamildien, Khethukuthula Ndlovu noDillon Solomons.

USolomons, ngokubika kwabeSABC Sport yena wenqaba ukuya kwiRoyal AM njengoba manje esekwiKaizer Chiefs.

Isivumelwano sasithi iSwallows izothola u-1.5 million noNdumiso Mabena, oneminyaka engu-35, ngaphezulu ngokudayisa kwayo laba badlali kwezinaMaMkhize.

UGamildien noNdlovu sebevele basayinile kwiRoyal AM kanti umuntu okungasacaci ukuthi kuzokwenzakalani ngaye nguye uMabena.

FUNDA NALA: UKhoza uveza ubuhlungu abuzwayo ngecala likaSenzo eseliyihlaya

Isikhulu seSwallows uDavid Mogashoa sizwakale singayizwa kahle indaba kaMabena yize singamgagulanga ngegama lo mdlali ochithwa yiRoyal AM.

“Asifuni ukusayina abadlali abazobe sebethatha umhlalaphansi maduze nje, abazodlala lana unyaka owodwa,” kusho uMogashoa kwabeSABC Sport.

“Sifuna ukwakha kabusha ngabadlali abazoba seqenjini isikhathi eside,” kucacisa uMogashoa ngalolu daba lwaba badlali abasha.

Impempe seyingakudalula ukuthi uMabena kungenzeka agcine elandele uJohn Maduka kwiMaritzburg United njengoGiven Mashikinya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.