ISwallows iyawabhubhisa amagoli uma idlala nonodoli ejimini, kusho uKerr

ISwallows iyabhubhisa amagoli uma idlala 'nonodoli' ejimini, kusho uKerr
OkaDonga Gumbi

Uma uzwa inkulumo kamqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr ayenze ngemuva kokuhlulwa kwezakhe ngo 1-0 yiRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto, kuyacaca ukuthi amaqhinga aphelile.

UKerr uthi kusukela afika kwiSwallows alethwa kuyo ukuzoyihlenga ezembeni, wenza into efanayo futhi iyasebenza ejimini kodwa uma sebefika emdlaweni kubhimbe.

Nokho inkinga ebukeka imdida uKerr wukuthi ejimini usuke esebenzisa onodoli ngesikhathi efundisa abadlali izindlela zokuhlasela.  

“Kubuhlungu futhi kuyacasula kubadlali abazinikele kanjena badlala kahle (ukuthi kuphethe ngokuhlulwa),” kusho uKerr.

“Uma ngibheka imilayezo esiyitholayo bonke abantu bathi besiza kahle futhi akusifanele ukwenzeka kanje ekugcineni.

“Kodwa ke yiyona mpilo yethu lena… siyawulamula umdlalo. Amaqembu esidlala nawo asihlasela ngokuzuma ngoba esilandela ngemuva ngomdlalo.

“Siyangena ezikhaleni ezinhle zokushaya amagoli futhi siwakhe namathuba amahle kodwa bese sihluleka ukuwasebenzisa.” 

Lo mqeqeshi ube eseveza ukuthi bayazicija ekutheni bangene kanjani ebhokisini lezimbangi futhi bawakhe bese bewasebenzisa kanjani amathuba. 

Kodwa basuke besebenzisa onodoli, okwenza abadlali bakhe bazenzele umathanda bese yena ecabanga ukuthi kuzoba kanjalo nasemdlalweni.  

“Siyazicija kulento futhi ibukeka isebenza kahle ejimini ngoba siyawashaya amagoli. Kodwa uma sesisemdlalweni izinto ziyajika.

“Impela umdlalo awufani nasejimini, kodwa izimo zisuke zifana. Okusuke sikwenza (ejimini nasemdlalweni) ukufuna ukubeka ibhola enethini.  

FUNDA NALA: UMokoka uqophe irekhodi lomhlaba ebangeni lika-50km kwezokusubatha

“Sibeka onodoli ebhokisini bese sizicija ezimweni zomdlalo la sisuke sihlasela khona.

“Lapho amathuba bayawakha oKamo (Kamohelo Mahlatsi), (Monnapule Saleng) Pule no(Khethukuthula) Ndlovu afanayo nabawathole namuhla obekufanele baphasele owangakubo njengoba benza uma sibeke onodoli.. 

“Awukho umehluko okhona kwesikwenza ejimini nokwenzeka emdlalweni. Okumele ukwenze wukuthi kumele udlule kumdlali, uphasele uzakwenu.

“Sizilimaze thina. Lento siyenza njalo kusukela ngafika emidlalweni eyishumi edlule. Futhi ukube angikwenzi lokhu ejimini bekuzothi uma kukhona olikhomba kimi iphutha ngivume.

“Kodwa lento siyenza zonke izinsuku… amathuba esiwatholile abe mahle. Ashode ngomuntu nje ozozinekila athi mina ngiyawasebenzisa lawa.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.