ISwallows izifake enkingeni yize imuke namaphuzu eDobsonville

Sihle Ndlovu

Idlale seyifakelwe isikhonondo esingagcina siyicala iSwallows FC ngesikhathi ibhekene neCape Town City FC emdlalweni weDStv Premiership, eDobsonville Stadium, ngoLwesibili.

Emdlalweni obushisa ogcine uphele ngo 3-2, kuwina iZinyoni zaseDube, abeSwallows benze elikhulu iphutha behluleka ukuxhumana kahle neqembu abebezobhekana nalo, kanjalo nonompempe abebephethe umdlalo.

Ngaphambi komdlalo kuke kwaba nenguyazana kungacaci ukuthi yini le ebibhungwa ngamaqembu womabili nonompempe ababephethe umdlalo. Nokho kugcine kuvelile ukuthi iZinyoni bese zinqume ukuqalisa uKwanda Mngonyama obezoqala ebhentshini ngokoluhla abalukhiphile nangokolwazi kweCape Town City nonompempe.

Ngokusho komunye wabethuli bemidlalo  beSuperSport obesenkundleni, iSwallows iveze ukuthi uMngonyama ube ngolunye loshintsho abese belwenzile. Nokho iCitizens isifakile isikhalazo ngoba iSwallows ayibazisanga ngalolu shintsho ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.

Emdlalweni odlule weSwallows (ibhekene ne-Orlando Pirates) kube nesidididi umqeqeshi uDylan Kerr engavunyelwa ukuhlala ebhentshini ngenxa yokungabi nawo amaphepha okusebenza kuleli. NangoLwesibili lo mqeqeshi ubebuka ekude le nezihlwele kuhleli uMusa Nyatama ebhentshini.

IZinyoni zisheshe zayibona ukuthi ingakuphi inethi ngesikhathi uWaseem Isaacs engqofela phakathi ibhola ngomzuzu ka-16. Zibuyile futhi ezaseDube zashaya elihle igoli ngomzuzu ka-21 ngonyawo lukaTshediso Patjie.

Izivakashi zizamile ukukhuphula amasokisi nokuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-31 ngesikhathi uDarwin Gonzalez eshaya igoli kwaba ngu 2-1. UGonzalez ubeyiphela endlebeni kwiziyobha zeSwallows njengoba ecisho washaya elokulinganisa ngokushesha.

Elesibili lokulinganisa leCitizens lingene ngomzuzu ka-61 libekwa phakathi uKhanyisa Mayo obesevutha kakhulu ngesiwombe sesibili. ISwallows ithole iphenathi esikhathini esengezwe unompempe wayibeka phakathi uSiboniso Mtshali.

IZinyoni zizojabula ngokuthola amaphuzu aphelele kulo mdlalo kanti ezika-Eric Tinkler bese zishaywa okwesibili kulandelana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *