ISwallows izobe ishelela kule sizini, ihlasela kuphela, kusho uTruter

ISwallows izobe ishelela kule sizini, ihlasela kuphela, kusho uTruter
UBrandon Truter noMoikhomotsi Thibedi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

ISwallows Fc ifuna ukuqeda igama elibi lokuba yiqembu elidlalella ukungehlulwa. Lokhu kutshelwe Impempe ngumqeqeshi waleli qembu, uBrandon Truter.

iSwallows idlale ngokulingana emidlalweni engu-20 kwengu-30 kwiligi ngesizini edlule. Lokhu kuyibambezele njengba beyingaqeda phezulu kakhulu ukuba yayiwina emine kule midlalo.

Ibukeke ijikile ngesikhathi ibhekene ne-Orlando Pirates kwiMTN 8 ngempelasonto edlule. Beyidlala ibhola elihle futhi elidle ngokuya phambili.

“Yilona bhola ongalilindela kwiSwallows lelo kule sizini,” kusho uTruter. “Ibhola elibukekayo, elisheshayo elihlaselayo. Asizohlehla kulokhu, sizodlala ngokuzethemba siye phambili kuphela.

“Uhlaka lokudlala asilushintshanga kangako. Silande abadlali abasezingeni eliphezulu kunangesizini edlule futhi siqine kahle kuzo zonke izindawo manje.

“Lokho kuzosenza sikwazi ukuthi sithi ukukhululeka uma sihlasela, asizudlala ngokwesaba. Iqembu libhalanse kahle ngendlela yokuthi ngeke sibe nenkinga uma kuba khona umdlali ongeke akwazi ukudlala.”

ISwallows kade ilokhu izilungiselela ukuthi izoqala isizini entsha neBloemfontein Celtic kodwa sekujikile jengoba leli qemulidayise isitifiketi sayo.

FUNDA NALA: IPirates iphinde yacwiya isihlabani kwi-Arrows 

Sithengwe yiRoyal AM kanti uTruter uthi akayazi kahle kodwa usethembe ukuthi ngoba uyalazi ibhola elidlalwa nguJohn “Vul’igate” Maduka.

“Sekuwumdlalo onzima ukuwulungiselela njengoba iCeltic seyidayisile nje… uvele ungabe usazi kumele ulindeleni.

“Kodwa thina silungiselela ukuthi sizobhekana noJohn Maduka. Siyamazi ke yena ukuthi uwahlela kanjani amaqembu akhe.

“Neningi labadlali abebenabo ngesizini edlule basekhona. Bahanjelwe nguNeo Maema noSifiso Ngobeni kuphela.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.