ISwallows nayo ifuna ukushaya eyayo imbobo embawuleni eyiChiefs

UBrandon Truter

SIHLE NDLOVU

ISwallows FC ingase ithele usawoti esilondeni esivele silokhu siqhubeka nokubhibha njengoba izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesithathu.

IZinyoni zinethuba elihle lokuzibekisela indawo emidlalweni yase-Afrika ekupheleni kwesizini uma zingenza kahle emidlalweni esele. Ngakolunye uhlangothi Amakhosi azabalazela ukungena kwiTop 8 ekuyinto ebukeka iwumqansa kakhulu kuwona.

IChiefs ikuthola kunizma ukuwina imidlalo yeligi eFNB Stadium kule sizini. Ukushaywa yiZinyoni kungawashabalalisa amathuba ayo okuqeda kwiTop 8. Kuzosala imidlalo emithathu ngemuva kwalo weSwallows.

UBrandon Truter ocija iSwallows uthe nabo bayawadinga kakhulu amaphuzu ngakho bazolwela ukuwuwina lo mdlalo yize bezobe bedlalela ekuhambeni.

“Lona ngumdlalo obalulekile, lokho kumele ngikusho nje kuqala. Yize iChiefs iyidinga iwini kodwa nathi yinto efanayo. Izobe idlelela enkundleni yayo.

“Ngokwethu ngeke ngisho ukuthi sizilungiselele ngendlela ehlukile kodwa ukulungela umdlalo ngokomqondo kubalulekile kulesi sikhathi sesizini,” kusho uTruter.

“Uma ubheka imidlalo esiyidlale ngokulingana kule sizini uyazibonela ukuthi siyayidinga iwini, yize nabo beyidinga kakhulu. Bafuna ukungena kwiTop 8, kanti thina sifuna ukuthola ithuba lokuyodlala e-Afrika noma siqede endaweni ehloniphekile esingayithola kwilogi.”

UTruter wazi kahle ukuthi yize iChiefs ingenzi kahle kule sizini kodwa iyakwazi ukushintsha izinto uma kuwusuku lwayo. Ikwenzile lokhu ibuya isilandela emuva ngo 1-0 kwiMamelodi Sundowns, yagcina iwine umdlalo ngo 2-1.

“IChiefs iyiqembu elibalulekile, elinabadlali abahle kakhulu, nakanjani bayakwazi ukushintsha umdlalo. Kumele sibabheke labo badlali, kufanele sihlele ngendlela efanele ngoba ngephutha elilodwa nje bangasihlawulisa kanzima,” kusho uTruter.

“Kithi kumayelana nokwenza kangcono kumdlalo wethu odlule lapho sidlale khona ngokulingana neMaritzburg United. Kulo mdlalo siqale ukudlala into esile ngesiwombe sesibili. Umdlalo wabo wasekhaya, kumele bazame ukuwina, kumele bavuleke. Siyazi ukuthi yibaphi abadlali babo abangukhiye kumele sihlele ngendlela efanele.”

Uphethe ngokuthi kukhona abadlali abalimele “kodwa sizobophela abadlali abangu-11 abaqinile kulo mdlalo.”

Ngemuva kwalo mdlalo iChiefs izokwamukela iSimba SC emdlalweni weCAF Champions League ngoMgqibelo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.