ISwallows nemizamo yokuvika isigwebo esibi seFifa

ISwallows nemizamo yokuvika isigwebo esibi seFifa
Usihlao weSwallows FC uDavid Mogashoa enoFani Madida noMzwakhe Mbuli
Intatheli yeMpempe

Amanzi asengene endlini njengoba iSwallows FC seyishaywe ngesigwebo sokuthi ingasayini abadlali kule minyaka emibili ezayo.

ISunday World ibike kuleli viki ukuthi iSwallows ngeke ikwazi ukubhalisa abadlali abasha, kanti ukuvika lokho kuzomele ikhokhele abadlali ebakweletayo imali yabo iphelele.

Leli qembu laseSoweto, elivele lizidonsela kanzima, likweleta oVladimir Mandic no-Obren Cuckovic abake badlala kuyo kudala isabizwa ngeMoroka Swallows.

Laba badlali balufaka kwiFifa udaba lwabo lokungakhokhelwa njengoba sekuze kwaphetha ngokuthi ishaywe ngalolu swazi.

Laba badlali babekwiSwallows le eyagcina idliwe yizembe ngesizini ka-2014/15 isaphethwe nguLeon Prins.

Usihlalo wayo wamanje, uDavid Mogashoa uthe lolu daba lufike kwiFifa kubangwa nale Swallows yakudala eyagcina ihlakaziwe njengoba bona beyivuse kabusha nje.

EKhuluma nabeSABC Sport, uMogashoa ukuvumile ukuthi nebala sikhona lesi sigwebo kodwa wathi akungatatazelwa.

“Sesiside isikhathi lukhona lolu daba futhi besilokhu silusebenza njengeqembu. Kodwa asikhathazekile,” kusho uMogashoa.

FUNDA NALA: Akucaci noma iya phambili, emuva noma imile iChiefs kaZwane

“Ngingakuqinisekisa ukuthi siphezu kwalo futhi luzoxazululeka, kanti kwasona lesi sigwebo koshaya uLwesihlanu (oluzayo) sesisuliwe.

ISwallows isebenzisa leli gama nje yayeka ukufaka uMoroka ekuqaleni ngoba ibalekela wona amacala nezokweletu zale yakudala.

Nokho kwayona le yamanje imanaphanapha yizikweletu njengoba ingenabo nje abaxhasi futhi kuke kwavela ukuthi nabadlali babuye bangaholelwa ngendlela eyiyo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *