ISwallows neStellies babambene bedlala into ezelisayo

ISwallows neStellies babambene bedlala into ezelisayo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bekungumdlalo osindayo kuwo womabili amaqembu futhi cishe azokwamukela ukucazelana ngamaphuzu njengoba iSwallows FC neStellenbosch zibambane ngo 1-1 ngeSonto ntambama.

Lo mdlalo weDStv Premiership bewuseDobsonville STadium eSoweto kanti zigijimisane zacishe zakhiphana udende kodwa ingekho evuma ukugoba uphondo.

Umdlalo bewusinda kuwo womabili amaqembu njengoba bezilingana ngamandla esiswini lingekho elikwazi ukwakha amathuba.

Yize bebezama ukuhlasela ngokushesha nokuzuma, kodwa bekuzicacele ukuthi igoli liyoqhamuka ngokuthi kwenzeke iphutha imuva.

Nebala ilenzile iStellies ngomzuzu ka-43 idedela uTebogo Langerman ukuba angene ebhokisini ehamba yedwa ngakwesokunxele.

Ube eselibeka kamnandi phambi kukaRuzaigh Gamildien obe eselidudulela enethini ngaphandle kwenkinga, yahamba phambili iSwallows.

Nokho ibe seyenza iphutha elifanayo nayo emuva. U-Augustine Dimgba ukhuthuze izitobha ezimbili zeSwallows wabe eseligoba.

Libe selihlangana noDeono van Rooyen walinamathisela enethini kungakapheli nomzuzu iSwallows ihambe phambili.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, iSwallows ike yabonakala iza kahle kuyiyo ehlasela kakhudlwana.

FUNDA NALA: UStuart Baxter unecebo lokudlalisa uKambole elizomenza ayivuthulule inethi

Nokho kubuye kwavela ukuthi umdlalo uyasinda njengoba womabili lamaqembu abenganikani ithuba ebholeni.

Iphuzu elitholile izolijabulela iSwallows kwazise imiphumela ivele iyimele kabi kule sizini njengoba izinto zingahlangani nje.

IStellies izozibona iyeke ithuba lokusondela kwiMamelodi Sundowns esicongweni seligi.

Leli qembu laseKapa lisendaweni yesithathu kanti lisele ngamaphuzu amathathu kwiSundowns.

UKube beliwinile ngabe lisalele ngephuzu elilodwa manje yize iSundowns isenomdlalo ewugodlile njengoba idlala kwiCAF Champions League kule mpelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.