ISwallows noSuthu bavele basabana, walotha umdlalo wabo

UNjabulo Ngcobo weSwalllows FC obe ngumdlali ovelele

OKADONGA GUMBI

Into ebeyinhle ngomdlalo weSwallows FC naMaZulu FC wukuthi iDube Birds ikwazile ukugcina irekhodi layo lokungahlulwa njengoba lezi zinkunzi zigadulisane zaze zabukana ingekho egoba uphondo.

Ngokomdlalo, awuzange ufike ezingeni ebelilindelekile kwazise womabili aye kulo mdlalo esefomini enhle futhi ewashaya namagoli.

AmaZulu abeye kulo mdlalo ehlose ukuba yiqembu lokuqala ukuzwisa iSwallows ukuthi kunjani ukuhlulwa njengoba leli qembu laseSoweto belingayazi induku.

NeDube Birds ibingazimisele ukuthi leli rekhodi layo elihle ligqashulwe, futhi lokhu kwenze umdlalo wavuleleka womabili amaqembu ehlasela ephindelela kusukela umdlalo uqala.

Umgadli weSwallows, uRuzaigh Gamaldien uke wazama ukuthenga unompempe, uVictor Hlungwani ngomzuzu ka-12, ephakamisa isandla ngemuva kokuwa ebhokisini loSuthu.

Kodwa uHlungwani ubone kahle ukuthi uThapelo Xoki ufike kuqala ebholeni walikhabela ngaphandle, uGamaldien wazishayisa kuye wawa, wathi akube yikhona.

Yize womabili amaqembu abezama ukwakha amathuba okushaya amagoli, abengavumi acacile kwazise zombili lezi zinkunzi beziqaphisisile emuva.

Onozinti, uThela Ngobeni kwiSwallows, noVeli Mothwa kuSuthu, akukho okutheni abakwenzile esiwombeni sokuqala njengoba engekho amabhola athusayo athunyelwe kubo.

Nasesiwombeni sesibili lamaqembu aqhubekile nokuhubhana kodwa kwacaca ukuthi abekusaba kakhulu womabili wukudliwa.

Lokhu kwenze agcine engasahlaselani ngokukhululeka nokuyingakho umdlalo uze waphela kungekho goli, bacazelana amaphuzu.

Lo mphumela awuqasizanga womabili lamaqembu njengoba esahleli la abevele ekhona kwilogi. Nokho yiSwallows elimale kakhulu ngoba seyisalele ngamaphuzu amane kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili, nangamabili kwiSuperSport United.

Bese kungumdlalo wesine kulandelana iZinyoni zidlala ngokulingana. Usuthu lona lushwebe ithuba lokugxuma lweqe iCape Town City luye endaweni yesine.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *