ISwallows yehlulekile ukuqhwakela kwiDStv Premiership ivuma ukubanjwa yiChippa ekhaya

OkaDonga Gumbi
ISwallows iyeke ithuba lokuzihola phambili kwiDStv Premiership ngemuva kokuyeka iChippa United ibuye kade seyiyibambe ngobhongwane isikhathi eside eDobsonville Stadium ngoLwesithathu ntambama. ISwallows isheshe yalishaya igoli okuyenze yabonakala izothatha amaphuzu amathathu bese iyagxuma yeqe iMamelodi Sundowns iqhwakele. Nokho lokho kugcine kungenzekanga njengoba igcine idlale ngokulingana kuba ngu 1-1, okuyenza ilingane ngamaphuzu naMasandawana ezodlala nawo ngempelasonto.
IDube Birds ikhombise zisuka amadaka ukuthi izimisele ngokuyohlala esicongweni kuligi. Akuthusanga ukuthi ngomzuzu ka-11 umdlalo uqalile uRuzaigh Gamaldien alivalele enethini ibhola.
ISwallows iwatholile amanye amathuba futhi beyingaya ekhefini isinamagoli noma amathathu ukube iwasenenzisile.
Ngomzuzu ka-31, uWandisile Letlabika ube nebhadi njengoba ibhola lakhe abelingqofe kade kuyikhona liceze kancane, laphuma kwezu kwamapali. NeChilli Boys beyingazibekile phansi njengoba beyilwa ifuna ukuthi okungenani kuyiwe ekhefini seyilishayile elokulinganisa kodwa kwayiphika ukwenza.
Esiwombeni sesibili, iChilli Boys ibuye seyithelwe ngezibonkolo ilifuna la igoli lokulinganisa futhi beyiyicindezele iSwallows iyidlalisela ngasemapalini ayo. Ike yazitshela ukuthi seyilishayile igoli ngomzuzu ka-69 ngesikhathi ibhola layo livinjwa uVirgil Vries seleqa ulayini wegoli, yasala ikhalaza kunompempe ukuthi bese livele liweqile. Nokho izikhalo zabo azizwakalanga. Ize yagcina ilitholile nokho elokulinganisa ngomzuzu ka-75 ngesikhathi uKurt Lentjies elivalela enethini kuba ngu 1-1.
Kweminye imidlalo, iTS Galaxy imangaze abaningi ibhaxabulela iMaritzburg United ngo 3-0 ekhaya ukuze isuke emsileni igxumele endaweni ka-12, sekuyiTshakhuma Tsha Madzivhandila ebambe ibhuleki.
Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership yangoLwesithathu ime kanje: Stellenbosch FC 0 Baroka FC 3 (Makgopa x2; Phiri); Swallows FC 1 (Gamaldien) Chippa United (Lentjies); SuperSport 1 (Grobler) AmaZulu FC 1 (Mthembu); Maritzburg United 0 TS Galaxy 3 (Lekay, Macuphu, Badenhorst); Black Leopards 0 Cape Town City 2 (Ralani x2); Pirates 0 Arrows 0

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *