ITeam of Choice ibuye nephuzu elimqoka eGoli

Sihle Ndlovu

IMaritzburg United ithole iphuzu elibalulekile ekuhambeni ngesikhathi ibambana neSekhukhune United ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, e-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoLwesithathu ebusuku.

I-Team of Choice ibiye kulo mdlalo ishayela phezulu ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni odlule weligi.

Umdlalo iwuqale ngebatha iMaritzburg ngesikhathi idedela igoli ngomzuzu wesibili. Lishaywe uRodrick Kabwe engaphandle kwebhokisi, wathi uyalibamba uMarcel Engelhardt, laphuma ngaphansi kwemilenze lakhala phakathi.

Konke lokhu kufake ingcindezi enkulu kwiTeam of Choice obese kumele ithole igoli lokulinganisa ngokushesha. Ibilincenga ngesineke izama ukutholana, yize inkundla ibimanzi ngenxa yemvula.

Ama-free kick kaKeegan Ritchie abeyingozi kakhulu uma ewagobela ebhokisini ngenxele lakhe. URitchie ugcine eshaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-43, ngesikhathi ibhola lizithela kuyena, wadonsa umgundatshani okhale phakathi.

Ngesiwombe sesibili bekuyisimo esifanayo sokuthi inkundla ibingavumi ukuthi amaqembu adlale ngendlela abefuna ngayo. Nokho iqembu ebelicindezela yiSekhukhune, kwazise ibidlalela ekhaya.

Nokho ubelokhu edlale kahle unozinti weTeam of Choice u-Engelhardt, obelokhu edayive njalo evimba amabhola ayingozi. Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1.

Komunye umdlalo wePremiership iMarumo Gallants ibambane neChippa United ngo 0-0.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.