ITeam of Choice ihlabane ngoDaniels bhusende

Sihle Ndlovu

IMaritzburg United isisayinise uClayton Daniels, obengenankontileka, ogcine ukubonakala kwiSuperSport United.

Lesi sitobha simangaze abaningi ngenyanga edlule sishiya Amatsatsantsa a Pitori ngemuva kokungavumelani ngenkontileka entsha.

Ngokusho kweKickOff, uDaniels usethole ikhaya elisha eMgungundlovu lapho u-Ernst Middendorp efike khona ngenyanga edlule ukuzotakula iqembu. Kufika uMiddendorp nje iTeam of Choice ibisanda kuchitha u-Eric Tinkler owenze kahle kakhulu neqembu ngesizini edlule.

“UClayton Daniels usesayine kwiMaritzburg United futhi kulindeleke ukuthi asayiniswe kwiPSL namuhla,” kusho umthombo ozazi zonke zeqembu kwi-KickOff.com.

UDaniels (36) useke wadlala kwiMamelodi Sundowns, kanti nakwiBafana Bafana useke wabizwa kaningana.

IMaritzburg ibukeka imatasa kakhulu ngokusayinisa njengoba kuvela ukuthi igaqele unozinti weSundowns uReyaad Pieterse. Lo nozinti oke wavimbela iKaizer Chiefs neSuperSport United, kubhekeke ukuthi avale isikhala esivuleke ngokuhamba kukaRichard Ofori osedlalela i-Orlando Pirates.

“Iqembu lifuna omunye unozinti ukuze liqinise ezintini zalo. UReyaad Pieterse omunye wonozinti iqembu elibheke ukumletha eMgungundlovu ngokuqala konyaka ozayo,” kuphetha umthombo.

IMaritzburg izovula unyaka ngokubhekana neBloemfontein Celtic koweDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.