Ithalente lami liyibhizinisi kimi, kusho uKatsande weSekhukhune

Ithalente lami liyibhizinisi kimi, kusho uKatsande weSekhukhune
UWillard Katsande
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UWillard Katsande uthi njengoba edlala ibhola nje uyafana nosomabhizinisi ngakho kumele ahlale eqinisekisa ukuthi amakhasimende akhe – abaphathi beqembu nabalandeli – benelisekile ngomsebenzi wakhe.

Lo mdlali ushiye iKaizer Chiefs abesehlale kuyo ishumi leminyaka wajoyina iSekhukhune United ekuqaleni kwale sizini.

IChiefs beyifuna ukumgcina kodwa wathi ubona sekufanele adedele abanye abadlali bazofukula Amakhosi.

NgoLwesithathu kusihlwa ushaye igoli ngesikhathi iSekhukhune iguqisa AmaZulu FC ngo 2-0 emdlaleni weDStv Premiership.

“Ngijabule kakhulu ngoba ngishaye igoli lami lokuqala kwiSekhukhune. Ngilijabulele nethuba lokudlala kuleli qembu.

“Angilithathe kancane futhi ngizozinikela ngendlela engihlale ngizinikela ngayo, lokho yinto enginagyiqinisekisa,” kusho lo mdlali ngemuva komdalo.

“Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi ngifana nosomabhizinisi ngakho kumele ikhono lami ngilisebenzise ngokuzikhandla ukwenelisa amakhasimende ami.

“Ngifuna siqhubeke njengeqembu ngokuzikhandla singakufaki emakhanda ukuthi sisenza kahle.

FUNDA NALA: IGallants iphinde yathola induku kweyeligi

“Sizojabula manje kodwa kuzomele sibuye sikhohlwe yilo mdlalo sibheke elandelayo.”

Le wini ithathe iBabina Noko yayinyusela endaweni yesine njengoba inamaphuzu angu-14 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.

ISekhukhune igila izimanga nje beyingabhekwe muntu kwazise isanda kunyukela kulesi sigaba kulandela ukuwina iGladAfrica Championship ngesizini edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com  TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.