Ithe Thwihli Thwahla kwiSekhukhune qede yanonkela kwilogi iRoyal AM

Ithe Thwihli Thwahla kwiSekhukhune qede yanonkela kwilogi iRoyal AM
Sihle Ndlovu

Inyukele endaweni yesithathu kwilogi iRoyal AM ngemuva kokuthi Thwihli Thwahla iSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium, ngoLwesibili.

EzikaJohn Maduka zidlala ibhola elihle kule sizini nokucaciswa indawo eziyona kwilogi yePremiership, nokuthi zisayibambile kwiNedbank Cup ka-2022.

Ngesiwombe sokuqala womabili amaqembu awakhile amathuba okushaya amagoli kodwa kugqame ukuthi abengekho bukhali uma esefika emapalini.

Njengokujwayelekile uWillard Katsande ubeluqinisa kakhulu unyawo umdlalo usanda kuqala. Lokhu kuholele ekutheni athole ikhadi eliphuzi ngomzuzu wesihlanu.

IRoyal AM igcine ihlangene yakhombisa ukulinyathela kangcono ngemuva kwemizuzu engu-20. Bekuqale umdlalo kuyiSekhukhune ebidlala kangcono ibukeka iyingozi uma iya phambili.

Ngesiwombe sesibili iThwihli Thwahla ibuye seyivutha bhe, ingena iphindelela odongeni lweSekhukhune. Akuzange kumangaze ngesikhathi uVictor Letsoalo eshaya igoli ngomzuzu ka-49 kwaba ngu 1-0.

FUNDA NALA: UTinkler usophe ukuqeda ibhadi ngeChiefs

ULetsoalo ubeshaya igoli lakhe leshumi kule sizini, nokuchaza ukuthi usesele ngamathathu kuPeter Shalulile ozihola phambili ngawu-13.

Ngomzuzu ka-56 uKatsande udonse intambo engaphandle kwebhokisi, yashaya ipali esesele unozinti weRoyal AM uPatrick Nyame.

Iqhubekile nokuhlasela iSekhukhune, kanti bekulamula uNyame sekuvalwe amehlo. Ibisithola amakhona elandelana kucaca ukuthi iRoyal AM isenkingeni.

Nokho ibuye yaziqoqa iRoyal AM yabambelela umdlalo wagcina uphele ngo 1-0.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.