Ithemba kubuya izinkunzi zePirates ebezilimele

Ithemba kubuya izinkunzi zePirates ebezilimele
UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kufanele ukuthi iyobe seyihlome seyiphelele i-Orlando Pirates uma seyidlala nezimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs ngasekuqaleni kwenyanga ezayo njengoba izinkunzi zayo ebezilimele sezibuya.

IPirates beyilokhu ixhugela kumalaviki ambalwa edlule ngenxa yokulinyalelwa abadlali abaningi kodwa sekuvele ukuthi bayelulama.

Ngokuthola kweMpempe uThembinkosi Lorch usebuyele ngokugcwele ejimini futhi angase abonakale ebhentshini uma sebedlala neRoyal AM ngoLwesine.

ULorch sekuphele isikhathi eside engabonakali kwiPirates kulandela ukulimala ehlombe akuthola esekhaya.

Lo mdlali ohlaselayo ungomunye wabakwazi ukwenza iPirates idlale ibhola elihle futhi iwine nemidlalo.

Isikhala sakhe kusukela kade engekho besibonakala. Omunye ongase abuye maduze nguVincent Pule owathinteka ekwiBafana Bafana emavikini amabili edlule.

Nomgadli uZakhele Lepasa naye useqalile ukujima neqembu elikhulu yize engakakwenzi konke okwenziwayo ngenxa yokuthi akakelulami ngokugcwele.

“Kuyethembisa kakhulu ukuthi iqembu lizobe selihlome ngokuphelele maduze nje ngoba abebelimele bayalulama.

“Ngaphezu kwalokho nalabadlali abasha bangaphandle (oKwame Peprah no-Olisah Ndah) sebebonakala sebejwayele kahle.

“Imimoya iphezulu ngoba wonke umuntu useyabona ukuthi iqembu lizophinde likwazi ukudlala lento efunekayo nemiphumela ishintshe,” kusho umthombo weMpempe.

FUNDA NALA: UBaxter usola abagxeka uParker kwiChiefs

NoBen Motswari noGoodman Mosele abebemiswe yiqembu kulandela izigameo zokungaziphathi kahle sebebuyele ngokugcwele eqenjini.

IPirates ikwazile ukudlulela esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup isunduza endleleni iDiables Noirs ngempelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.