Ithi imidlalo yokuhlunga isamisiwe yize ichithiwe enkantolo iRoyal AM

Ithi imdilalo yokuhlunga isamisiwe yize ichithiwe enkantolo iRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IRoyal AM isibhalele iPremier Soccer League (PSL) iyixwayisa ngokuthi ukuchithwa kwesicelo sayo sokuphikisa isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli esabeka iSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

Lesi sicelo seRoyal AM sichithwe yinkantolo ephakeme yaseGoli ngoLwesihlanu ntambama. Lokhu kubonakale kunikeza iPSL intuba yokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga.

FUNDA LA: Kumbhedele uMaMkhize enkantolo, isicelo sakhe sichithiwe: https://bit.ly/3gHhi3I

Kuzokhumbuleka ukuthi iPSL ike yazama ngoLwesine ukuqhubeka nemidlalo, yayalela iRichards Bay ukuba iye eGqeberha la ebizodlala khona neChippa United. Kodwa ibuye yasijika lesi sinqumo ngemuva kokuthola incwadi evuthayo evele kwiRoyal AM iyitshela ukuthi iphula isinqumo senkantolo ngalokho.

IRoyal AM yathola incwadi yenkantolo eyimisayo le midlalo kuze kube kuphethwa udaba lwayo lokuphikisana nesinqumo sokubekwa kweSekhukhune njengompetha beChampionship.

FUNDA LA: Kugcine elikaMaMkhize ngemidlalo yokuhlunga esiphinde yahlehla: https://bit.ly/2Sao3RY

Yize isinqumo sangoLwesihlanu siyichithile iRoyal AM, isikuvezile ukuthi ayikadeli isazoludlulisela phambili udaba lwayo. Kuvele ke umnikazi weqembu, uShauwn “MaMkhize” Mkhize wakusho kwagcwala umlomo ukuthi uzolwa aze ayifika enkantolo enkulu emhlabeni uma kunesidingo.

“Njengoba kuvelile ekulalelweni kwesicelo sethu sokunikwa ithuba lokuphikisa phambi kweJaji uSutherland DJP, nokubheka isinqumo sakhona, siyalelwe ukuba sifake esinye isicelo enkantolo ephakeme (iSupreme Court of Appeal)…

“Ngakho senza okufanele ukunikhumbuza ukuthi izinto zisenjengoba kade zinjalo ngaphambi kwalesi siwombe sokulalelwa kwesicelo sethu ngokukaSection 17 (2) (1) (a) kusaqhubeka lapho.

“Njengoba nizokhumbula, isinqumo sikaJaji Nyathi AJ sanika iRoyal AM incwadi ethi kuze kube kuphethwa udaba lwayo ngokuphelele ukuqala kwemidlalo yokuhlunga ka-2021 kumisiwe,” beyifundeka kanje ingxenye yencwadi yabammeli beRoyal AM.

I-PSL ibingakaphawuli futhi ayikacacisi ukuthi iyaqhubeka yini imidlalo kodwa kubukeka ingeke iqhubeke.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.