Ithole iphuzu elibalulekile iMaritzburg ibamba iCity

UMpho Makola noTebogo Thlolane

OKADONGA GUMBI

Iphuzu nephuzu libalulekile kulesi sikhathi sesizini kanti neMaritzburg United kufanele ukuba izolithokozela leli ezobuya nalo eKapa. Leli qembu laseMgungundlovu lilifukuzele kanzima leli phuzu kwiCape Town City efuna ukuqinisekisa ukuthi ayiphumi kwiTop 8.

Amphuzu amathathu abezoyibeka endaweni enhle kakhulu iMaritzburg ngoba beyizobe seyiphumile ogibeni lwezembe. Kodwa isenalo ithuba lokukwenza lokhu njengoba sekusele imidlalo emibili.

Iqhele ngamaphuzu amane kwiChippa United esendaweni ka-15, okuzothi iqembu eliqede kuyo liyodlala kweyokuhlunga. Lizobhekana namaqembu azophuma endaweni yesibili neyesithathu kwiGladAfrica Championship.

Kusheshe kwacaca nokho kule mdlalo obuseCape Town Stadium ngoLwesithathu kusihlwa ukuthi kungase kuze kuse zithakathana ingekho egobayo.

Amathuba abewakha womabili lamaqembu kodwa abengekho abeba woqekelele ongasola umdlali ngokuthi udlale ngalo. Nokho iMaritzburg kwale kancane isheshe izibeke phambili ngomzuzu wesishiyagalombili.

UThabiso Kutumela noFaris Hachi bahlangane kamnandi behlasela, baze bangena ebhikisini leCity. UKutumela ube esebekela uHachi ukuthi akhahlelele ipali kodwa washibilika ibhola lakhe laziphumela kude nepali.

NeCity icishe yalithola igoli ngomzuzu ka-15, kodwa ibhola lika-Aubrey Ngoma laceza kancane eceleni kwepali.

Ngemuva kwalokho bekucaca ukuthi lamaqembu awenzile umsebenzi wokucubingulana ngoba abekwazi ukuvimbana ukuthi lingabi bikho elizenzelayo.

Nasesiwombeni sesibili kube yinto efanayo kucaca ukuthi amaqhinga acishe afane. Bese kucacile ukuthi kuzodingeka umdlali oyedwa ozoba yiqhawe, kube nguye othola igoli. Avelile amathuba ngasekugcineni nhlangothi zombili kodwa nakhona abengatheni.

ICity ihluleke noma seyinabadlali abaningi kuneMaritzburg kulandela ukuthi uHachi ekhishiwe kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesibili. Bekusele ngaphezu kancane kwemizuzu engu-20 umdlalo uphele ngaleso sikhathi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *