Itholwe inecala iPirates ngokuvimba uSukazi e-Orlando

Itholwe inecala iPirates ngokuvimba uSukazi e-Orlando
UTim Sukazi
OkaDonga Gumbi

Izosazi ngasekuqaleni kwenyanga ezayo i-Orlando Pirates isigwebo sayo njengoba itholwe inecala lokwehlisa isithunzi sePSL ngoLwesibili ntambama.

Ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPSL luyithole inecala iPirates kulandela isehlakalo esingesihle la yavimbela khona umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi ukuba angene e-Orlando Stadium ngoJanuwari.

Lesi sihlekalo sagcwala izinkundla zokuxhumana futhi sasusa nezinkulumo mpikiswano eziningi.

“Ikomidi eliqonidisa izigwegwe kwiPSL liyithole inecala i-Orlando Pirates,” kusho umshushisi wePSL uZola Majavu ngoLwesibili ntambama.

“Lokhu kulandela ukuthi kutholakale ukuthi sasingekho isizathu esiphusile esenza iPirates ivimbele uTim Sukazi ukungena e-Orlando Stadium.

“Ngenxa yalokho iPirates itholwe inecala lokuhudulela phansi isithunzi sePSL, esebhola eseSafa, iCaf, iFifa nabaxhasi odakeni.”

Uthe ngeke aphawule kakhulu ngalolu daba kuze kube kukhishwa isinqumo ngalo okuzoba sekuqaleni kwenyanga ezayo.

FUNDA NALA: UNgcobo ubona iChiefs izoziphuzela isobho nje kwi-Arrows

“Njengoba isitholwe inecala nje, osekuzolandela wukuthi zombili izinhlangothi zenze izethulo ngokuthi zibona kumele sime kanjani isigwebo.

“Lolu daba luyobe seluphinde luxoxwa ngoMeyi 3, ngemuva kwalokho ikomidi eliqondisa izigwegwe liyobe selikhipha isinqumo.

“Uma lokho sekwenzekile, ngiyobe sengazisa umphakathi ke kanti ke njengenjwayelo akusekho okunye engizokusho nalolu daba.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.