Ithuswe yiDowns yenza inqwaba yamaphutha ayingcwabile iTS Galaxy

Ithuswe yiDowns yenza inqwaba yamaphutha ayingcwabile iTS Galaxy
UKhuliso Mudau
Sihle Ndlovu 
IMamelodi Sundowns ibe yiqembu lokuqala ukuhlanganisa amaphuzu angu-50 emidlalweni yeDStv Premiership ka-2021/22.
Abafana Ba-Style bakwenze lokhu kulandela ukushaya iTS Galaxy ngo 3-0 koweligi eMbombela Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Njengamanje iDowns inamaphuzu angu-51, kanti isivule igebe lamaphuzu angu-18 esicongweni.
Kulo mdlalo kugqame ukuzibangela izinkinga eziningi eqenjini lasekhaya ebelilokhu lenza amaphutha kungenasidingo.
Izinkinga zeRockets ziqale ngomzuzu wesithathu, ngesikhathi uLindokuhle Mbatha ethola ikhadi eliphuzi kungenasidingo.
Lapho kuvele kwahlala obala okwempahla yembuzi ukuthi kuzoba nzima ukuthi lo mdlali awuqede umdlalo.
Kuthe kusanambithwa lokho u-Ethan Brooks wadlala sengathi usejimini, esendaweni eyingozi emuva, bamephuca ibhola. Lithole uKhuliso Mudau walibeka phakathi ngomzuzu ka-19.
Ziqhubekile izinkinga eqenjini likaSean Ramovic’, uMbatha waphinde waqinisa kakhulu unyawo ngomzuzu ka-22, wathola ikhadi lesibili eliphuzi, wabona indlela ebheke ezindlini zokushintshela.
Konke lokhu bekumphithanisa ikhanda uRamovic’ ebhentshini leGalaxy. Lo mqeqeshi uphoqelekile ukuthi akhiphe uBrooks ngomzuzu ka-35, wafaka u-Aphelele Teto.
FUNDA NALA: Usuthu lugoloze ukufa ukushayelwa ekhaya yiStellies
Zithe zibuya ekhefini iSundowns yabukeka ifuna ukuzidalela ezayo izinkinga. UHaasim Domingo uthole ikhadi eliphuzi ngomzuzu ka-47 ngenxa yokudlala kabi.
Ngomzuzu ka-50 uTeto, obeqala ukudlala, ucisho waliqulela phakathi elokulinganisa kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali.
Ibingazibekile neze phansi iRockets ngoba nakhu ingasaphelele. Ibishoshela phambili ifuna igoli lokulinganisa.
Nokho ibuye yavuka emaqandeni iDowns, kwaba iyona ebisihlasela. Ngomzuzu ka-63 uDomingo udonse inguzunga engaphandle kwebhokisi yakhala phakathi ngu 2-0.
IGalaxy ibilokhu izame njalo ukuya phambili ifuna igoli, nobekwenza ivuleke emuva. Kugcine konakele ngomzuzu ka-79 ngesikhathi uPeter Shalulile eshaya igoli lesithathu.
Ukuwina kweSundowns kuyenza ukuthi isondele ekuqukuleni isicoco, okwesihlanu kulandelana, kule sizini esibheke emaphethelweni.
editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.