Ithwaliswe uthayela kunomoya eThekwini iPirates ishaywa yi-Arrows

UPule Mmodi weGolden Arrows oshaye amagoli amabili behlula i-Orlando Pirates ngoLwesibili, ebanga ibhola noFortune Makaringe weBucs

OKADONGA GUMBI

Iya phambili, iphinde ibuyele emuva i-Orlando Pirates edlale into engacacile ihlulwa yiLamontville Golden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium ngoLwesibili.

IBucs bekubhekwe ukuthi izobe igcwele ukuzethemba futhi inomuzwa wokuwina ngemuva kokushaya izimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs ngempelasonto edlule.

Kodwa ivele yazibandela nje futhi yize beyizama kodwa ibingenazo izimpawu zeqembu elizethembayo nelizolanda amaphuzu amathathu eClermont.

Yikho ke nje Abafana Bes’thende bevele bazibukisela ngayo, beyithela isibhaxu, bayishiya ingazi noma ishayiswe yistimela noma iwiswe yibhayisikili yini.

Bezithengana ngasekuqaleni komdlalo futhi zikhombisa ukungasabani njengoba bezihlaselana udede. Futhi womabili lamaqembu awatholile amathuba okusheshe ashaye igoli kodwa ahluleka ukuwasenzisa.

Bekungumzuzu weshumi ngesikhathi uKnox Mutizwa ehlola ukuthi ngabe usawazi yini umsebenzi wakhe uRichard Ofori, emkhahlela ekude kodwa lo nozinti walivimba lelo bhola.

UPaseka Mako – cishe obengumdlali omfishane kunabo bonke abebesenkundleni – ugxume wangqofa ibhola ngomzuzu ka-29, kodwa uSifiso Mlungwana walivimba.

IBucs ize yabhoboka ngomzuzu ka-40, uPule Mmodi enqamula phakathi kwezitobha zayo qede washaya into ayizwe ngendaba u-Ofori. Nokho kube nezikhalo ngaleli goli ngoba lingene kunamabhola amabili enkundleni okuyinto engavumelekile.

Esiwombeni sesibili iBucs ibisihlasela ngakho konke enakho kodwa yehluleka ukusebenzisa amathuba. Kwale ngisho seyibekelwe iphenathi ngomzuzu ka-59, uThembinkosi Lorch wavele walibhamuza laphuma phezu kwamapali ibhola.

Kuthe isahlasela injalo iPirates, uMmodi wakuphinda lokho, wabeka Abafana Bes’thende ethubeni elihle lokugcina amaphuzu agcwele ngegoli lesibili elenze kwaqansa kakhulu kuBucs ngomzuzu ka-66.

Leli goli liyivove inkani iPirates njengoba beyisinokwesaba ukuthi i-Arrows ingase ibathele ngehlazo lembudlu yamagoli kwazise ibingazibekile phansi ilifuna la elesithathu.

Leave a Reply

Your email address will not be published.