IThwihli Thwahla ishaye eceleni ngokuqasha uZondo, kusho ingwazi

UKhabonina Zondo
Alfred Ngubane

UPhelelani Mpangase, owake wayibamba kwiMamelodi Sundowns, ubona igeje umgodi Royal AM ngokuqasha uKhabonina Zondo ukuba yinhloko yabaqeqeshi.

Ngokubona kukaMpangase ngeke ayisize ngalutho uZondo iThwihli Thwahla ngoba wagcina emnyakeni engaphezulu kweyishumi ukuqeqesha iqembu eligijima kwiPremier Soccer League (PSL).

Lo mqeqeshi uthe ibhola selishintshe kakhulu njengoba kunabahlaziyi abasezingeni lomhlaba nabaqeqeshi abafana noRhulani Mokwena noManqoba Mgqithi.

“Balidlala phansi etafuleni ibhola baphinde balixoxise indaba enkundleni,” kusho uMpangase.

“Abadlali abaningi badlala ibhola lesimanje. Uzobadida kakhulu abadlali njengoba uzobe eqhuba ngebhola lamzukwana . Yebo uke waqeqesha kwiLamontville Golden Arrows neTembisa Classic ngaphambilini wenza kahle.

“Waqeqesha neMamelodi Sundowns yamkhipha izintaba njengoba yamehlula ilanga libalele.”

Kunabadlali abasanda kwethulwa yileli qembu abafana noSamir Norkuvic, Ruzaigh Gamildien, Khethukuthula Ndlovu, okungabadlali abanonhlonzo. UZondo kulindeleke ahlanganise iqembu lilwele ukunqoba izindebe, noma liyodlala e-Afrika lapho insimbi ishisa khona kakhulu.

Umlando ka Zondo ukhomba ukuthi iqembu aliqeqeshayo liba lapha endaweni engeyinhle. Kubonakala sengathi uSinky Mnisi ulande umngani wakhe abasuka kude naye njengoba bobabili babeyibambe kwiTembisa Classic.

Kuzocaca maduze ukuthi ngabe umlandele into ekhona yini noma bazodla imali kaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.