ITshakhuma imangaze iLeopards emdlalweni weNedbank Cup

ITshakhuma idlulele kweyandulela owamanqamu ngemuva kokushaya iBlack Leopards emdlalweni weNedbank Cup ngeSonto

SIHLE NDLOVU

ITshakhuma FC ikhiphele iBlack Leopards esibayeni sayo ngemuva kokuyishaya ngo 2-0 emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup, eThohoyandou Stadium, ngeSonto.

Iqembu lasekhaya alibanga nomdlalo omuhle futhi bekufanele lishaywe kulo mdlalo ngenxa yamaphutha ebeliwenza. Belilahla ibhola kalula liphinde lingavimbi ngendlela uma iTshakhuma ihlasela.

Kucace ukungahleleki kahle emuva kwiLeopards nobekwenza ukuthi iTshakhuma icanase. ITshakhuma iyona vele ebibonana kangcono ngesiwombe sokuqala, futhi lokhu kuhlaluke ngesikhathi ibeka ibhola enethini kodwa kwathiwa bese kune offside.

Ayizange ikhathale iTshakhuma, ibilokhu ibuza ukuthi kukhiyiwe ngempela yini emzini weLeopards. Ngomzuzu ka-34 kulamule unozinti weLeopards, uKing Ndlovu, ochithe ibhola likaLerato Lamola ebelizokhala phakathi ukube akazange alithinte. Iqhubekile nokuhlasela iTshakhuma nokuthe ngomzuzu ka-38 uNdabayithethwa Ndlondlo walibeka phakathi, ngakho belu ukuthi udonga lweLeopards belubuye luhuqe ubuthongo.

Usebenzile unozinti weTshakhuma, uWashington Arubi, ngomzuzu ka-44 ngesikhathi evimba ibhola ebelidonswe ngu-Edwin Gyimah ebeliyingozi kakhulu. Ziye ekhefini kungu 1-0.

Kuqale isiwombe sesibili kusenjalo emuva kwiLeopards. UMogakolodi Ngele ucishe walibeka phakathi ngomzuzu ka-46 ngakho ukunganaki kwabadlali basemuva beLeopards. Nokho ibhola lakhe lishaye icrossbar laphumela ngaphandle. Bekucaca nokho ukuthi esiswini iTshakhuma ibiyehlula iLeopards ekuwineni amabhola. Ngaphandle kwalokho iTshakhuma yona ibivimba kangcono emuva uma kuyiLeopards ehlaselayo.

ITshakhuma ithole iphenathi ngemuva kokuthi uGyimah edlalise kabi uLamola. Ithathwe ngu-Alfred Ndengane ngomzuzu ka-83 wayibeka phakathi, kwaphela kanjalo ngeLeopards. Leli qembu laseLimpopo sekumele libheke imidlalo yeDStv Premiership njengoba lingamile kahle kwi-log.

ITshakhuma ibiqala ngqa ukushaya iLeopards njengoba iyiqembu elisha esigabeni esiphezulu. Kowandulela owamanqamu izobhekana nozowina phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Komunye umdlalo weNedbank Cup iChippa United izobhekana nePretoria Callies.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.