ITshakhuma ingompetha beNedbank Cup!

UNdabayithethwa Ndlondlo

OKADONGA GUMBI

YiTshakhuma Tsha Madzivhandila engompetha abasha neNedbank Cup. Leli qembu laseLimpopo liqophe umlando liwina le ndebe ngesizini yalo yokuqala esigabeni esiphezulu kuleli.

Indlela leli qembu elayiqala kabi ngayo isizini, izinto zingahlangani yiyo eyenza ukuwina kwayo iKe Yona kuyinto eyisimangaliso esitholakala ebholeni kuphela. Ivhadau Vha Damani ishaye iChippa United ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu eMangaung Stadium, eBloemfontein ngoMgqibelo kusihlwa.

Kube yiTshakhuma elibona kuqala ipali lapho ligxumekwe ngakhona ngesikhathi uNdabayithethwa Ndlondlo eshaya igoli ngomzuzu ka-27. Leli goli libonakale liyicindezela iChippa njengoba ivele yashona phansi ngemuva kwalo. Kugcine kuyilo kuphela kulo mdlalo.

Nokho ibuye ekhefini seyingcono kakhulu, sekuyiyo ephethe umdlalo futhi iwakha namathuba kodwa bese yehluleka wukuwasebenzisa. Bekuthi noma izama ukukhahlelela ipali, ithole uWashington Arubi esefomini.

UBrandon Theron uthole elihle ithuba lokuqinisekisa ukuthi indebe iya ePolokwane sekusele imizuzu eyisikhombisa uphele umdlalo, kodwa washaya into ebheke eceleni. UGregory Damons naye ungene ngendlovíyangena ebhokisini leTshakhuma, kodwa walwa wagcina elikhiphele ngaphandle ibhola u-Alfred Ndengane.

UThabo Mnyamane ubethi uyadla ngomzuzu ka-89, ededela ishodi engaphakathi ebhokisini leChippa, kodwa u-Ismail Watenga walichithela ngaphandle ibhola lakhe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.