UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter
Isibeke amathemba ayo okunyukelwa kwiDStv Premiership kumakadebona womqeqeshi uZeca Marques iTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Leli qembu elidlala kwiGladAfrica Championship liyiqale kahle isizini yize belingenayo umqeqeshi oqondile kanti nabadlali bahlanganiswa isigubhukane.
Lokhu kwakulandela ukuthi lithenge isitifiketi seRoyal AM sokudlala kulesi sigaba sekusele iviki kuqale imidlalo yale ligi.
Kuthe kuleli viki yamemezela ukuthi seyiqashe uMarques kanti uzolekelelwa nguMulondo Shikhwivhilu ozoba yiphini lakhe.
“ITshakhuma Tsha Madzivhandila Football Club seyiluphothulile utalatiya lokuhlunga kubaqeqeshi ngokuthi iqashe Jose ”Zeca” Marques njengomqeqeshi kusukela manje.
“Usayine isivumelwano sokusebenza seminyaka emibili. Ufika nenqwaba yesipiliyoni sawkiGladAfrica Championship nakwiDStv Premiership.
“Lokhu yinto esibona izokwenz aumehluko omkhulu eqenjini,” besifundeka kanje isitatimende esikhishwe yielli qembi laseLimpopo.
UShikhwivhilu wayengumgadli ngezikhathi zakhe kanti waduma kakhulu kwiBlack Leopards njengoba esebuya njengephini kwiTTM manje.
Emidlalweni eyisikhombisa iTTM iqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili kanti ihleli endaweni ka-12 kwilogi.
UMarques kubhekwe ukuthi ayisize inyuke ize ifike ezindaweni la ezolwela khona ukwenyuselwa esigabeni esiphezulu.
Yize lo mqeqeshi enamava abambekayo, kodwa usenesikhathi agcina ukuqeqesha okuzokwenza kubhekwe ngabomvu abuya nakho ebholeni.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA