ITsunami iphinde yemuka nayo iNkandla Mayoral Cup

ITsunami iphinde yemuka nayo iNkandla Mayoral Cup
ITsunami FC inikwa indebe yayo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

ITsunami FC yiyo engompetha beNkandla Mayoral Cup kanti ukaputeni wayo uSizwe Makhoba useveze isifiso anaso ngale ndawo yangakubo.

UMakhoba uthi uyafisa ukuthi babe neqembu elidlala esigabeni esikhokhelayo eliphuma eNkandla.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iTsunami ibe ngompetha beNkandla Mayoral Cup ka-2021.

Ishaye iYoung Lucky Boys ngo 1-0 kowamanqamu eNkandla Stadium ngoMgqibelo.

“Kubuhlungu kakhulu ukuthi silokhu sisiza amaqembu angaphandle kodwa kule ndawo asinalo iqembu.

“Nathi siyafisa ukuthi ngabe sidlalela iqembu lendawo njengawo wonke umuntu,” kusho uMakhoba.

“Kodwa ngenxa yezimo zemali lokho akwenzeki. Nokuthi mhlawumbe labo abanemali akubona abantu abathanda ibhola.”

ITsunami ibisiwina iNkandla Mayoral Cup okwesine kulandelana. UMakhoba uthe bafuna ukuqhubeka nomgqigqo ofanayo nangonyaka ozayo, baqophe umlando.

“Siyacela kumeya nakunoma ubani onemali ukuthi asibhekelele nathi njengabantu bendawo.

“Sifisa ukuthi sibe nalo iqembu lalapha eNkandla, elizogcina lidlala ezigabeni eziphezulu.

“Lokhu kuzosiza nabanye abadlali abasebancane ukuthi baveze amakhono abo. Siyazicelela impela,” kusho uMakhoba oneminyaka engu-25.

Kulo nyaka iMayoral Cup iqale inamaqembu angu-215 okuhlungwe kuwona. UMakhoba uthe beyishisa kakhulu insimbi.

“Bekunzima kakhulu ngeke ngisho ukuthi bekulula. Bekuwumqansa, saphunyuka ngoba ibhola yibhola.

“Namuhla iqembu ebesidlala nalo belingaphezulu kakhulu kunathi kodwa sakwazi ukugwema ukuthi lingalitholi igoli.

“Kulokho ngibonga ukuzimisela kwamajita nokuzethemba kwabo. Kube yinto enhle ukuthi kube yithina esigcine sishaye igoli sabambelela kulona.”

Ngokudla umhlanganiso iTsunami ikhale yemuka no-R15 000. UMakhoba uthe bazosebenzisa le mali ukuthenga izinto zeqembu ezifana namabhola namajezi.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weBafana uchaza ngebhola eliduma abalidlale e-Ethiopia

Imeya yaseNkandla, uThami Ntuli ithe bajabule kakhulu ngendlela izinto ezihambe ngayo kulo nyaka.

“Isiqubulo sethu kulo nyaka besihambisana nokuthi kulwiswane nokuhlukunyezwa kwabesifazane.

“Okunye ukuthi ngokwenza lokhu sithatha intsha siyayisusa ebugebengwini nasezidakamizweni,” kusho uNtuli.

“Ngenkathi idlala ibhola iyayeka ukuyoganga nokuyogqekeza. Bakhula bazana endaweni okuyinto enhle.”

Ngaphandle kwebhola bekukhona neminye imidlalo kwiNkandla Mayoral Cup okubalwa kuyona inetball, isibhakela nezomdanso.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.