ITTM ivuke ngaMatsatsantsa iwakhipha kwiNedbank Cup

UBrandon Theron weTshakhuma Tsha Madzivhandila ehubha uSipho Mbule emdlalweni weNedbank Cup ngeLwesine

OKADONGA GUMBI

Isale emzuliswaneni woqokuqala kwiNedbank Cup iSuperSport United ezame konke kodwa yagcina ihlulwe ngo 1-0 yiTshakhuma Tsha Madzivhandila ekhombise ukuvuka emaqandeni kulo mdlalo obuseThohoyandou Stadium, eVenda ngoLwesine ntambama.

Zigadulisane zaze zabukana ngesiwombe sokuqala ingekho egoba uphondo. Nokho amathuba okushaya amagoli abekhona kodwa kwasho ukuthi aqinile emuva womabili lamaqembu.

ITTM ibanjwe inkunzi ngunompempe maphakathi nesiwombe sokuqala eyincisha iphenathi ngemuva kokuthi uKeenan Phillips weSuperSport elidlale ngengalo ngamabomu ibhola engaphakathi ebhokisini langakubo.

Kodwa uMichael Mosemeng obengunondweba kulo mdlalo uvele wabheka le wathi akukho okungafanele okwenziwe nguPhillips, yajabha kanjalo ke iTshakhuma.

Esiwombeni sesibili, Amatsatsantsa a Pitori abezitshela ukuthi asesheshe alithola igoli ngesikhathi uBradley Grobler ebhakuzisa inethi ngomzuzu ka-47, kodwa unompempe wathi ubesesemhlabeni ongamfanele.

ITTM, ebisidlala kahle futhi nayo seyihlasela, iyona evule inkundla ngomzuzu ka-61 uThabo Mnyamane eshaya elihle igoli uRonwen Williams azodinga ukulibuka kaningana ukuze abone ukuthi limudle kanjani.

Ngemuva kwaleli goli, iTTM ayizange izibeke phansi njengoba ifake oTokelo Rantie noLerato Lamola ezindaweni zikaManyama noRhulani Manzini, yabe seyicindezela ifuna elesibili.

Ubethi uyayibuyisa emdlalweni iSuperSport u-Evans Rusike ngomzuzu ka-75, elicupha ekhoneni ibhola kodwa uWashington Arubi walichitha lelo bhola.

Amatsatsantsa awatholile amanye amathuba kodwa kwasho khona ukuthi uma kungelona usuku lwakho isuke ingekho into ongayenza.

Nokho neTTM ibingazibekile phansi oRakhale noRantie bezihubha bephindelela izitobha zeSuperSport bezama ukuthola igoli lesibili ebelizoqeda ngalo mdlalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published.