ITuks izosebenzisa ekufunde kwiNedbank ukuwina isicoco seChampionship

UWonderboy Makhubu
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi we-University of Pretoria, uTusane Motaung, uthi iqembu kakhe selizogxila ekuwineni imidlalo yeGladAfrica Champioship esele, lizame ukuwina iligi.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iTuks ishaywe yiRoyal AM ngo 3-2 emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup, eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto.

ITuks ike yahamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa yenza amaphutha ngesiwombe sesibili, yabuya yashaya amagoli amathathu iThwihli Thwihli, kwaphela kanjalo.

“Isinyathelo esilandelayo kimina ukugxila emidlalweni esele yeligi. Sizosebenzisa okubili nokuthathu esikufunde kulo mdlalo bese senza isiqiniseko sokuthi senza kahle kuze kube sekugcineni,” kusho uMotaung.

Leli qembu lasePitori lisendaweni yesibili kwilogi yeChampionship, ngamaphuzu angu-42 emidlalweni engu-24. Lisele ngephuzu elilodwa kwiRichards Bay esendaweni yokuqala ngemuva kwemidlalo efanayo.

Kulindeleke ukuthi kushunqe uthuli eTuks Stadium, ngoLwesithathu, uma iTuks seyitholana phezulu neNatal Rich Boyz emdlalweni weligi.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali bami. Balwile ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu,” kubeka uMotaung.

“Ngebhadi izinto azisihambelanga kahle kodwa siphuma kulo mqhudelwano sinokuziqhenya okukhulu sishayela phezulu.”

UWonderboy Makhubu uyena oshayele iTuks amagoli amabili kulo mdlalo. Nokho lo mqeqeshi ubuye wamkhipha kusanda kuqala isiwombe sesibili.

“Besifuna ukuhlela kahle isimo yingakho abadlali abafana noMakhubu sibakhiphile ukuze sifike kwiRichards siyimiqemane. Lona umdlalo omkhulu kakhulu kithina.”

Uphethe ngokuthi uyaziqhenya kakhulu ngabadlali bakhe wase ebonga nokwesekwa akuthola kubaphathi beqembu.

Umdlalo weTuks neNatal Rich Boyz ufana ncamashi nobuphakathi kweManchester City neLiverpool FC, okungamaqembu ase-England. Ozowina lapha unethuba elihle lokukhala emuke nesicoco.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.