Itwetwe leCape Town City kwiBucs edonsa ngonyawo lonwabu

UDeon Hotto we-Orlando Pirates osebheke umdlalo olandelayo

OKADONGA GUMBI

Akumangazi ukuthi kungani i-Orlando Pirates ivele yasheshe yakhohlwa wukuwina kwayo kwiNedbank Cup yabhekisa amehlo wayo emdlalweni olandelayo.

IBucs ishaye Uthongathi FC ngo 1-0 kwiKe Yona ngoMgqibelo, kodwa ngemuva komdlalo beyingasanendaba nalo mdlalo kodwa seyibheke oweDStv Premiership neCape Town City ngoLwesibili.

Zingaba mbili izizathu ezenza lokhu. Esokuqala kungaba wukuthi indlela abadlale ngayo kulo mdlalo ayizange igculise noma ikhombise ukuthi bayiqembu elikhulu elibophele izihlabani zabadlali.

Esesibili kungaba yitwetwe lokugadulisana neCitizens engagayelwa mphako kulezi zinsuku futhi ewashaya ngathi iyawavalelisa amagoli muva nje.

Emidlalweni yayo emihlanu edlule, okufaka noweNedbank Cup, iCity ishaye amagoli angu-13, yangenelwa amabili. Idliwe emdlalweni owodwa, yawina kwemithathu yabe seyidlala ngokulingana kowodwa.

IPirates yona kuyacikiza, futhi inwaya ikhanda uma uyibuza ngamagoli. Emidlalweni emihlanu edlule, iBucs ikore amagoli amahlanu, yangenelwa amabili. Iwine emithathu, yadliwa yaphinde yadlala ngokulingana kowodwa.

Mhlawumbe yikho lokhu okwenza bakhathazeke kakhulu ngalo mdlalo wabo wangoLwesibili abangazithola betheleka ngehlazo lokushaywa ngembudlu yamagoli uma beke baqhubeka nokubhayiza abebekwenza emidlalweni yabo embalwa edlule.

“Singenile emzuliswaneni wesibili, manje amehlo asebuyela kwiligi la sinomdlalo neCape Town City,” kusho umdlali weBucs, uDeon Hotto.

“Lona usudlulile, manje sesigxile emdlalweni olandelayo,” kubeka le nsizwa yaseNamibia okuyiyo ephakele uGabadinho Mhango ibhola elihle alinamathisele enethini kwabayilona goli abawina ngalo.

“Bekuwumdlalo onzima… kodwa sikwazile ukuphuma nomphumela ojabulisayo. Isimo senkundla besingesihle singasivumeli ukudlala ngendlela ebesifisa ngayo. Kodwa bekumele sikuzibe lokho senze ebesikuzele enkundleni,” kuchaza uHotto.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.