Ivuke indlobane ekugcineni iSharks ishaya iStormers

Bekushube kanje iSharks igadulisana neStormers
SIHLE NDLOVU
ICell C Sharks ithele kamuva ishayela ekhaya iDHL Stormers ngo 33-30 emdlalweni wokuqala weRainbow Cup SA eDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.
Kuke kwabukeka sengathi leli qembu laseThekwini lizothelwa ngehlazo kulo mdlalo ngendlela eliwuqale ngayo umdlalo. USiya Kolisi obebhekwe kakhulu kulo ubengabonakali kahle.
Okucace ngeSharks kulo mdlalo ukuthi beyenza amaphutha amaningi abeholela ekutheni iStormers ithole ithuba lokuhlala kakhulu engxenyeni yeqembu laseThekwini.
Lokhu kucaciswe ukuthi iSharks idedele ama-try amabili nephenathi iStormers yazithola isihamba phambili ngo 17-0.
Nokho kusheshe kwahlaluka ukuthi iStormers ibidlala kabi kakhulu kulo mdlalo. USeabelo Senatla uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi u-Aphelele Fassi esemoyeni.
Kodwa nangaphezu kokuphuma kukaSenatla iSharks iqhubekile nokwenza amaphutha inika iStormers amaphenathi uKade Wolhuter obelokhu ewabeka phakathi.
UThomas du Toit ubuyisele iSharks emdlalweni ngokushaya i-try ngomzuzu ka-16 kwaba ngu 17-7. Uqhubekile nokho uWolhuter nokuqhulula amaphenathi iStormers yahamba phambili ngo 23-7 ngomzuzu ka-27.
Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini iSharks ikwazile ukushaya i-try ngomzuzu ka-39 eze noFez Mbatha. Zishintshe kungu 23-12 kuhamba phambili iStormers.
Isiwombe sesibili siqale iSharks isivutha amalangabi kanti iStormers ibisaqhubeka nokudlala kabi.
Ngomzuzu ka-47 uReneil Hugo ushaye i-try yavala igebe iSharks kwaba ngu 23-19 ngemuva kokuthi uCurwin Bosch eshaye i-cornvesion.
Kube sengathi ilele iStormers ngoba ubuyile futhi umfo kaHugo washaya enye i-try, eqedelwe uBosch nge-conversion, kwaba ngu 26-23 sekuhamba phambili iqembu laseThekwini.
Ukuqhubeka nokudlala kabi kweStormers kuphinde kwayifaka enkingeni ngesikhathi kukhishwa ngekhadi elibomvu uWillie Engelbrecht.
Lo mdlali ubesethola ikhadi eliphuzi lesibili njengoba ngesiwombe sokuqala eke wahlala ngaphandle ngenxa yokunikwa ikhadi eliphuzi.
Umdlalo ube sewutshekela kwiSharks eshaye itry ngomzuzu ka-33 yahamba phambili ngo 33-23. Ngemuva kwalokho ibisihlasela iStormers kodwa kubonakala ukuthi ayisaphelele.
Nokho uDamian Willemse uyibuyisele emdlalweni iStormers eshaya itry ngomzuzu ka-74 kwaba ngu 33-30. Igcine ibambelele iSharks yawina umdlalo yize bese kuvalwe amehlo okugcineni.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *