Ivuke indlobane i-Arrows, yathela induku enzima kwiGalaxy

UDivine Lungu

SIHLE NDLOVU

ILamontville Golden Arrows isabambelele endaweni yesithathu kwilogi ngemuva kokubhudluza iTS Galaxy ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesithathu.

Abafana Bes’thende bakwenze kwaba lula ukuthatha ibhola balifake enethini kulo mdlalo okucace zisuka ukuthi izothwala kanzima iGalaxy kuwona. Izivakashi bezihlukela kakhulu ezinhlangothini nokuyilapho amagoli amabili eqhamuke khona.

I-Arrows iwuqale kahle umdlalo kuyiyona ebihlasele kakhulu emizuzwini yokuqala. Lokhu kuholele ekutheni ishaye igoli elize noMichael Gumede othole enhle iphasi ivela kuDivine Lunga. IGalaxy ithe ukuphaphama ngemuva kwalokho kodwa Abafana Bes’thende bebelokhu becindezela.

Kuthe ngomzuzu ka-31 uPule Mmodi wadonsa intambo engaphandle kwebhokisi waneka amanabukeni uMarlon Heugh ezintini zeGalaxy, lakhala phakathi kwaba ngu 2-0. Okuhlalukile ukuthi iGalaxy ibidlala kahle ngesinye iskhathi, futhi iphaselana kamnandi ibhola bese kwenzeka iphutha libe linye i-Arrows iyoshaya igoli.

Zize zaya ekhefini uSifiso Mlungwana eyisibukeli nje emapalini e-Arrows nokuyinto okumele ukuthi akayithandanga nakancane umqeqeshi weGalaxy u-Owen da Gama.

Nokho kubukeke sengathi kungene kwenye indlebe kwasheshe kwaphuma kwenye futhi indlebe, okushiwo uDa Gama ngesikhathi sekhefu, ngoba ezakhe zibuye sezilandela izithunzi kakhulu kunakuqala.

Lokhu yikhona okube yimbangela yokuthi ngomzuzu ka-61 uNtsako Makhubela angqofele phakathi igoli lesithathu le-Arrows ngemuva kwebhola eligotshwe uNduduzo Sibiya.

Emizuzwini yokugcina yomdlalo iGalaxy izamile ukuthola igoli lokuvala ihlazo kodwa kwasho ukuthi uMlungwana akafune kudedela goli emapalini e-Arrows. Ukushaywa kweGalaxy kuyibeka engcupheni yokuphungangeni kwiTop 8 njengoba isendaweni yesishiyagalolunye. Nokho lisekhona ithemba ngoba isasele nemidlalo emithathu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.