Ivuke ngewini yokuqala iDurban Ladies kwiSuper League

JVW Girls Super League Hollywoodbets
Iqembu leJVW Girls
UMBIKO: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Iqembu labasesifazene laseThekwini eligijima kwiHollywoodbets Super League, iDurban Ladies linqobe umdlalo walo wokuqala ngoMgqibelo.

Leli qembu elidonsa kanzima liqumbe phansi iRichmond United ngo 3-2 emdlalweni wale ligi esikwisizini yesibili eMerino Park Stadium, eDe Aar, eNorthern Cape.

Umdlalo okade ubhekwe ngabomvu ngabalandeli bebhola ngobuphakathi kweMamelodi Sundowns Ladies neFirst Touch. Uhlehlisiwe ngenxa yokuthi akulandelwanga imigomo yeCovid-19 ngesikhathi esifanele.

Kweminye imiphumela yale ligi, I-University of the Western Cape (UWC) ithele ngenduku iTsunami Queens ngamagoli amathathu eqandeni (0-3). Lokhu kubeke i-UWC endaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-17.

Isisilele ngamabili kwiSundowns. ITsunami yona isadansa le ngasemsileni kwilogi ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.

I-Ma Indies Ladies ithele ngehlaza iGolden Ladies ngehlazo lamagoli amane eqandeni (4-0) emdlalweni obuseGiyani Stadium, eLimpopo.

IBloemfontein Celtic yona inqobe ngo 2-1 ishaya iJVW FC. Lokhu kwenyuse isibalo samaphuzu eCeltic saya ku-16 okuyenza ilingane neJVW. ICeltic isendaweni yesine, kanti iJVW ingaphezulu kwabo kweyesithathu ngenca yesibalo samagoli esingcono.

IThunderbirds Ladies, ekade idlalela ekhaya, ivovane inkani zaze zabukana neCoal City Wizards. Umdlalo uphel bebambene ngo 0-0.

Womabili la maqembu awaliboni elidlayo kule ligi. Kuyimanje iThunderbirds inamaphuzu amahlanu nje vo ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. IWizards yona seyinamaphuzu ayisishiyagalombi ngemuva kwemidlalo efanayo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *