IVUKILE: IPirates isethubeni lendawo yesibili kwiligi ngemuva kokushaya Usuthu

UPaseka Mako noGabadinho Mhango
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ivuselele ithemba lokuqeda endaweni yesibili i-Orlando Pirates ngemuva kokuthi ishaye AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesine. Ukuwina lo mdlalo kweBucs kwenze yalingana ngamaphuzu neLamontville Golden Arrows, kanti ivale igebe phakathi kwayo noSuthu laba elamaphuzu amane.

Okwenza iPirates ibe sebuhleni ukuthi yona isalelwe yimidlalo emithathu ukuthi isonge isizini kanti AmaZulu asesele nemidlalo emibili, kanjalo ne-Arrows. Indawo yesibili ibaluleke kakhulu ngoba iqembu elizoqeda likuyo lizodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

Akungabazeki ukuthi iBucs ikubheke ngabomvu lokho ngemuva kokukhishwa kabuhlungu kwiCAF Confederation Cup ngempelasonto edlule. Okuqapheleke ngesiwombe sokuqala kulo mdlalo ukuthi amaqembu abenza amaphutha womabili.

IBucs ibizama ukuhlasela ngokushesha kodwa ifike yenze amaphutha phambili. Lokhu bekungawasizini kakhulu AmaZulu abethi uma ethole ibhola nawo afune ukuhlasela ngokushesha kodwa ayilahle uma esefika phambili.

Ukwenza kanje kwala maqembu kudale ukuthi angatholi amathuba amahle okushaya amagoli ngesiwombe sokuqala. USiyabonga Mpontshane ubezipholele nje ngesiwombe sokuqala nokuyinto engafani naMaZulu adlala ibhola elihlaselayo kule sizini.

Ngesiwombe sesibili iPirates ibukeke isilinyathela kangcono ibhola ikakhulukazi ngemuva kokungena kukaVincent Pule. Nokho lokhu kulinyathela bekungasizi kakhulu ngoba ibisaqhubeka nokulahla ibhola uma seyifike phambili.

Ithuba elicishe lashintsha umdlalo liqhamuke ngomzuzu ka-55 ngesikhathi uLehlohonolo Majoro engqofa ibhola ebeligotshwe nguThabo Qalinge, kodwa lashaya epalini laphumela ngaphandle.

ULuvuyo Memela ongene endaweni kaSiphesihle Maduna uphoqe uMpontshane ukuthi aveze amava ache ngomzuzu ka-64, ekhahlela ibhola aliphebezile lo nozinti weBucs.

UButholezwe Ncube udale ifree kick ngomzuzu ka-76 edlalisa kabi uGabadinho Mhango ngaphandle kancane kwebhokisi. Lo mgadli (uMhango) uyena othathe le free kick wayibeka phakathi, wasala emile unozinti woSuthu uVeli Mothwa.

Ithuba lokulinganisa loSuthu litholwe uSiyethemba Sithebe ngomzuzu ka-87 kodwa walibamba lathula ngqi ezandleni uMpontshane.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *