Ivukwe isilwane iSundowns ngofunwa yiChiefs nePirates

Ivukwe isilwane iSundowns ngofunwa yiChiefs nePirates
UKermit Erasmus
Sbongs Gumbi

Sekuvele ukuthi iMamelodi Sundowns ishaya phansi ngonyawo ngomgadli efuna ukumchitha nogaqelwe yizinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

ISundowns kuthiwa ifuna ukudedela uKermit Erasmus kodwa manje ivukwe yisilwane uma seyizwa ukuthi uzoya kwiChiefs nom iPirates.

Ngokokubika kweSoccer Laduma, abasondelene nalo mdlali bayihlebele ukuthi uyena ozicelele ukuba iSundowns imdedele kanti ngoba ezibona efana nofishi oshelwe amanzi.

Lokhu kulandela ukuthi ngisho inamba yejezi abeligqoka seyinikezwe omunye umdlali njengoba sekungekaMarcelo Allende nje.

Nayo iSundowns kuthiwa ayinankinga nalokho. Ugovane uvuke kuphela uma seyizwa ukuthi kanti uzonqakwa yilezi zimbangi zayo uma imdedela.

U-Erasmus ubeke wamataniswa neCape Town City ayejoyine iSundowns esuka kuyo kodwa ngathi naye usemanqika ngokubuyela eKapa njengoba inhliziyo kuthiwa seyiseNaturena.

Kufanele ukuba uyabona naye ukuthi eNaturena uzosheshe ayithole indawo kwazise iChiefs ivele iyashoda kakhulu phambili.

FUNDA NALA: Ucele ukudedelwa umgadli ozibona engasadingeki kwiPirates

Uma egcina ngokuya kuyo iChiefs, uyoba ngomunye wabadlali abambalwa abadlale kuwo womathathu amaqembu amakhulu kuleli okuyiPirates, Chiefs neSundowns.

Phela lo mgadli omfishanyane wake wadlala kwiPirates phambilini la ayevutha khona engabaselwe ikakhulukazi ngesikhathi ehlasela noThamsanqa Gabuza.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *