Ivukwe isilwane iZambia qede yacela impindamshaye kwiBanyana

Unompempe uLydia Tafesse Abebe wase-Ethiopia
Sihle  Ndlovu

IFootball Association of Zambia (FAZ) seyinqume ukufaka isikhalazo esisemthweni kwiConfederation of African Football (CAF) lapho ikhala ngonompempe abebephethe imidlalo yabo.

I-FAZ ikhala kakhulu ngonompempe wase-Ethiopia, uLydia Tafesse Abebe, obephethe umdlalo wabo neNingizimu Afrika, okowandulela owamanqamu weCAF Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ngoMsombuluko.

Encwadini ebhalwe umhlaka 18 Julayi 2020, ebhekiswe kusihlalo jikelele weCAF, uVeron Masengo-Omba, iFAZ ibalule amaphuzu ayisithupha okuhlanganisa nephenathi etholwe yiNingizimu Afrika sekuzophela umdlalo.

“Siyaphikisana nesinqumo sikanompempe sokukhomba iphenathi enjeyaya. Le phenathi iholele ekutheni kungene igoli elisivimbe ukuthi sidlulele kowamanqamu njengoba sicela ukuthi kucubungulwe kahle okwenzeke kulo mdlalo,” kusho ingxenye yesitatimende.

“Esikucelayo ukuthi iphenathi ihoxiswe, umdlalo uqalwe phansi bese unompempe obewuphethe amiswe ekudlaliseni noma yimiphi imidlalo.”

U-Adrian Kashala, unobhala weFAZ, uthe bafake lesi sikhalazo ngoba kwenzeke okufanayo nangesikhathi bebhekene neSenegal emdlalweni we-quarterfinal abagcine bewuwinile.

“Sesibone kaningi amaphutha enziwa ngonompempe kulo mqhudelwano ikakhulukazi emidlalweni ethinta thina. Sesinothise indlela engeyinhle yezinqumo zonompempe abagcina bengahlawuliswanga.

“Phakathi kwabo kukhona uBouchra Karboubi olokhu eqhubeka nokuphatha imidlalo kulo mqhudelwano sengathi akwenzekanga lutho.”

FUNDA NALA: Lisazokhala izembe kubadlali kwiSundowns

UKashala uphethe ngokuthi ukuziba amaphutha ayinqwaba enziwa onompempe kuzochaza ukuthi kuyagqgquzelwa lokhu okwenziwa onompempe.

IBanyana Banyana ithole iphenathi esikhathini ebesengezwe unompempe, wayibeka phakathi uLinda Matlhole. IBanyana iwine lo mdlalo ngo 1-0 yazibekisela indawo kowamanqamu weWAFCON lapho izobhekana neMorocco ngoMgqibelo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.