Ivulele isibhaxu noma seyishoda iSundowns kwiBaroka

iSUndowns
UBennet Bobete weBaroka noThemba Zwane weMamelodi Sundowns
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns iqhubekile nokuvula igebe esicongweni ngemuva kokushaya iBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ngoLwesibili.

EzaseChloorkop sezivule igebe lamaphuzu angu-15 esicongweni njengoba zizwa ngamanye amaqembu ukuthi kukhona into okuthiwa ukushaywa.

Njengenjwayelo iSundowns iyona ebilitapeta kangcono, iphaselana kahle ibhola ngesiwombe sokuqala.

Nokho okugqamile ukuthi unompempe u-Akhona Makalima ubengasinisi amahleza kulo mdlalo ewakhipha ngempela amakhadi.

Ziye ekhefini iSundowns isithole amakhadi amabili aphuzi nelilodwa elibomvu.

UKermit Erasmus uyena osheshe wakhonjwa ezindlini zokushintshela ngaphambi kancane kokuthi kuyiwe ekhefini.

U-Erasmus kubukeke sengathi ukhulume amazwi ayiziswana kunompempe ngemuva kokuthi enikwe ikhadi eliphuzi.

Akananazanga unompempe wamkhomba ngaphandle. Ngakolunye uhlangothi iBaroka iye ekhefini esemathathu amakhadi aphuzi.

Nokho iqembu eliye ekhefini lijabule yiSundowns eshaye igoli ngonyawo lukaRivaldo Coetzee ngomzuzu ka-45.

Ngesiwombe sesibili iBaroka ifake u-Evidence Makgopa izama ukusebenzisa ukuthi iSundowns ayisaphelele.

Lo mdlali ufike neminyakazo emihle ebeyenza ukuthi akhululeke uRichard Mbulu phambili.

Kugcine kulungile kwiBaroka ngesikhathi uMbulu eshaya elihle igoli ngomzuzu ka-71 kwaba ngu 1-1.

ISundowns ayizange ihlale emuva ngemuva kwaleli goli kodwa izamile ukufuna elokuqoqa amaphuzu aphelele.

FUNDA NALA: AmaZulu aphinde adlala ngokulingana

Ngomzuzu ka-83 uThemba Zwane ushaye igoli elibalulekile yaphinde yahamba phambili ngo 2-1 iSundowns.

Ukuwina kweDowns kuchaza ukuthi alikho iqembu elisakwaze ukuyishaya kule sizini emidlalweni engu-16 yeligi.

Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi uKgoloko Thobejane akakawini nowodwa umdlalo selokhu ebuyele ekuqeqesheni iBaroka emasontweni edlule.

AmaBrazilians anomdlalo onzima ngoLwesihlanu lapho ezobhekana ne-Orlando Pirates, eLoftus Stadium, ngo-7.30 ebusuku.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.