Ivuse umhlwenga yabusisa usihlalo ngewini enkulu iChiefs ishaya iChippa

Ivuse umhlwenga yabusisa usihlalo ngewini enkulu iChiefs ishaya iChippa
UKeagan Dolly noKhama Billiat
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bekuwusuku lokuzalwa kukasihlalo nomsunguli weKaizer Chiefs uKaizer “Chincha Guluva” Motaung kanti neqembu limbusise ngewini enkulu ngoMgqibelo.

Amakhosi avuse umhlwenga kungazelele muntu, qede avulela iChippa United ikhasi ebingalilindele ngaleli qembu laseNaturena eyishaya ngo 4-0.

Lo mdlalo obuseFNB Stadium bewudlalwa ngosuku okwafika ngalo kuleli elimagade ahlabayo uMotaung.

Yize kusengaba khona ukukhala ngokuthi ibingaligcini ngendlela ibhola futhi ingekho neminyakazo ecacile eyakhayo, kodwa iwini izokubuyisa ukuzethemba kancane.

Okungeke kukhalise neze wukuthi uma isiliphethe ibhola ibheke phambili kunzima ukuyivimba ngenxa yokuzwana kukaKhama Billiat noKeagan Dolly.

IChiefs ihambe phambili ngomuzuzu ka-12 ngegoli elihle lika. Nokho ngeke uncome leli goli ungancomi olakhile.

UKhama Billiat udle ibhola kuVeluyeke Zulu, wagudla naye. UZulu uzame ukumdonsa emwisa kodwa waqinisela waqhubeka waze wayolihlokoloza.

Libe selihlangana noDolly odedele ishodi, ibhola lavele layoshaya laphaya ekhoneni lenethi limshiya enwebekile u-Ismail Watenga unozinti weChippa.

Kodwa ngaphambi kwalokho iChippa beyingaba seyivele kade ihamba phambili njengoba nayo ibe nalo ithuba elifanayo.

Umgadli uThokozani Sekotlong udle ibhola kuNjabulo Ngcobo waqonda ngqo epalini.

Nokho uvele watatazela washeshe wakhahlela esekude kakhulu nepali, ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali.

UDolly ube esephinda elesibili ngomzuzu ka-30 kanti kungenzeka liqubule ukukhuluma leli goli lakhe.

Ngaphambi kokuthi lifike kuDolly ibhola, belijahwa uBernard Parker obesendaweni engamfanele.

LOkhu kwenze isitobha seChippa sama saphakamisa isandla silinde impempe, kodwa uParker uvele waliyeka ibhola esefikile kulo, lathathwa uDolly waqedela umsebenzi.

FUNDA NALA: ICity isale ingakholwa seyigilwe iSekhukhune

IChippa ike yakhalela iphenathi sekubalwa imizuzwana kuyiwe ekhefini kulandela ukuthi ibone sengathi uNjabulo Blom ulidlale ngengalo.

Nokho unompempe uTsidiso Maruping wathi ayikho leyonto, ibhola ulidlale ngehlombe uBlom. 

USekotlong uphinde wayeka elinye ithuba elihle ngomzuzu ka-59 ebhekene ngqo noDaniel Akpeyi.

Uvele washaya ishodi lenkukhu futhi eliqonde kuye lo nozinti obe eselichithela eceleni kwepali. 

IChippa yenze izinguquko izama ukubuya kulo mdlalo kodwa izinti zavele zayibhimbela kakhulu.

UBilliat uvele washaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-70 kanti livele lacacisa ukuthi uphondo selugobe ngaphi.

Kuthe sekubalwa imizuzwana umdlalo uphele, uLazarus Kambole naye wathi ngeke esale kuleli dili lamagoli elivulwe eFNB eshaya elesine.

Impempe imfisela okuhle kodwa umfokaMotaung, enga uMdali engamgcina nje aqhubeke nemisebenzi emihle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.