UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Isibuyise umqeqeshi wayo owayibeka ebalazweni uKgoloko Thobejane iBaroka FC kulandela ukugqoza kwemiphumela.
IBaroka ikuqinisekise ngeSonto emini ukuthi uThobejane usebuyele eqenjini elikhulu.
Ithe uMatsemela Thoka obengumqeqeshi wehliselwe ezinkulisa zeqembu.
Ubekade eseqeqesha enkulisa yeqembu elidlala kwiMultichoice Diski Challenge.
UThobejane wazakhela igama ngesikhathi ekhuphula leli qembu elisusa ezigabeni eziphansi waze walifaka kwiPremiership.
Indlela ayenza ngayo uma iqembu lakhe lihlulwa amathuba yiyo eyamakhela inqwaba yabalandeli.
Washayela isipikili mhla ekhuluma amazwi ayehlekisa kodwa asahlale enkenteza ezindlebeni zabaningi namanje.
Wathi: “Ibhola lingakubulala ufe fi kodwa ungafile”. Wayekusho lokhu ezakhe zazikade zibuye emdlalweni sekuvalwe amehlo.
FUNDA NALA: ISafa ithi unompempe owadlisa iBafana kwiGhana
Esitatimendeni esiphanyeke ezinkundleni zayo zokuxhumana, iBaroka ithe: “Sifisa ukuqinisekisa lezi zinguquko ezilandelayoethimbeni labaqeqeshi.
“UKgoloko Thobejane ukhushulelwe eqenjini elikhulu la ezosizwa khona oVincent KObola noNaughty Legau beno-Albert Mothupa.”
IBaroka yayaziwa ngebhola elihle elidle ngomjiko ngezikhathi zikaThobejane kanti yayingawabheki anamqembu athathwa ngamakhulu kuleli.