Ivuswe yinduku emaqandeni iSuperSport United

UThatayaone Dithlokwe weSuperSport United

OKADONGA GUMBI

Umdlali wasemuva weSuperSport United, uThatayaone Dithlokwe uyavuma ukuthi ukushaywa emidlalweni emibili kulandelana kubafake ingcindezi eyisimanga nokuyingakho bazikhandla ngophindiwe ukuze bajike izinto ngeCape Town City ngempelasonto edlule.

Amatsatsantsa a Pitori ajikelwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni weNedbank Cup emavikini amabili adlule iyiwashisa ijezi ngo 1-0, yaphinda yathola induku kwiBloemfontein Celtic emdlalweni weDStv Premiership.

Kodwa kwiCity yafike yathi cha sesanele yinduku, yalithela uswazi laphindela eKapa umsila ungaphansi kwemilenze leli qembu likaJan Olde Reikerink.

“Bekuwumdlalo onzima ngenxa yokuthi besibuya ekuhlulweni imidlalo emibili kulandelana. Ngakho ingcindezi beyiphezu kwethu ukuthi sibuye nomphumela omuhle ukuze sijike izinto sibuyele nasembangweni wesicoco,” kusho uDithlokwe odabuka eBotswana.

“Ngenhlanhla uMdali wasibheka sakwazi ukuphuma namaphuzu amathathu sabuyela emjahweni,” kuqhuba yena. ISuperSport beyingenawo umdlalo maphakathi neviki kodwa iyabuyela enkundleni ngoMgqibelo njengoba izogadulisana neqembu elinengcindezi yojujika izinto iKaizer Chiefs.

Lamaqembu azokhiphana inkani eFNB Stadium ngo 3 ntambama, kanti uDithlokwe uthi babe nesikhathi esanele sokuzilungiselela. ISuperSport yagcina ngempelasonto edlule ukudlala kanti Amakhosi agcine ngoLwesibili ethola induku kuMaZulu FC.

“Bekubalulekile ukuthi sike sithole ikhefu. Uzokhumbula ukuthi ngoJanuwari nangasekuqaleni kukaFebhuwari besinemidlalo elandelana eduze.

“Besidlala ngoLwesithathu, siphinde nangoMgqibelo kube yiso leso singekho isikhathi sokuphumula. Lokho bekwenza singakwazi ukuzilungiselela kahle ngoba isikhathi sokuyozilolonga ejimini besingekho.

“Yingakho silijabulelile nje ikhefu, sakwazi ukuphumula ukuze siye emdlalweni olandelayo siyimqemane. Siyilungele iChiefs fithi sizimisele ngokuwola amaphuzu aphelele,” kuchaza le nsizwa eneminyaka engu-22 nengukaputeni weZebras (iqembu lesizwe laseBotswana).

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.