Iwaqede inkani iSundowns amaqembu asenethemba lokuyifica

Iwaqede inkani iSundowns amaqembu asenethemba lokuyifica
OkaDonga Gumbi

Sekungaba ngumuntu ohlushwa inkani yexoxo kuphela ongaphika ukuthi iMamelodi Sundowns isikhale yemuka naso isicoco seDStv Premiership kule sizini.

Phela sekucacile ukuthi iSundonws sekumele ilwe kwiCaf Champons League neNedbank Cup okuyizona izicoco ezisangayiphunyula.

Leli qembu laseChloorkop lisahamba phambili ngamaphuzu angu-11 njengoba sekusele imidlalo eyisithupha kusongwe isizini.

Lokhu kusho ukuthi iSundowns idinga ukuwina nje imidlalo emithathu kule eyisithupha ukuze iwaqede inkani lawo asazibhekile ekutheni engayifica.

Kodwa asibuyele kulo mdlalo obuseDobsonville Stadium eSoweto ngoLwesithathu kusihlwa.

Kuvele kwacaca zisuka nje ukuthi iSundowns izotamuzela, izozigwazela ibhece qede itape amaphuzu eDobsonville Stadium la beyizihlinxela ingcube.

Kuthe kungakapheli nemizuzu eyishumi yabe seyilibekile enethini ibhola ngesikhathi uPeter Shalulile engqofela enethini ibhola ebeligotshwe nguGeorge Maluleka.

Nayo iSwallows bandla beyizama kodwa kucace khona ukuthi ibhekene nomakadebona abaphume esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League bengenamyocu.

Kuthe kungakapheli nemizuzu emihlanu ukusuka lapho, uMaluleka wathola uShalulile ngebhola elide lo mgadli wabe eselinamathisela enethini kwaba ngu 2-0.

Kodwa uDillan Solomons ubuyisele iSwallows emdlalweni eshaya igoli kusaphele umzuzu uShalulile eshaye elesibili leSundowns, kwaba ngu 2-1.

Ngemuva kwaleli goli iSwallows ivukile emaqandeni sengathi kukhona engakuthola kulo mdlalo njengoba beyisifika iphindelela emapalini kaReyaad Pieterse.

Nokho kuthe isinethemba lokuthola igoli lokulinganisa, laqhuma ngakuyo ngesikhathi uBradley Ralani eshaya elesithathu leSundonws.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, iSwallows yenze izinguquko ezine ikhipha uLebogang Mokoena ifaka uGrant Margerman.

Kuphume noGivemore Khupe kwangena uJunaid Sait endaweni yakhe. NoFawaaz Basadien ukhishiwe, kwafakwa uRuzaigh Gamildien.

Owesine ophumile kube uKhethukuthula Ndlovu kwabe sekungena uSiphesihle Mbhele endaweni yakhe kanti kuke kwangathi lezi zinguquko ziyasebenza.

FUNDA NALA: IPirates isizwe unozinti weSekhukhune oyiphe igoli sekushubile

Nokho isipiliyoni seSundowns isikhombisile isipiliyoni sayo njengoba beyiwulawula kalula lo mdlalo futhi ingasajahile ukuyoshaya igoli.

Bekungathi iyazi ukuthi uma iSwallows ingalishaya, izophinda nayo iyoshaya elinye. Kodwa beyilifuna ke nelesine ebelizoqeda ngalo mdlalo.

UGamildien nguye oshaye igoli lesibili leSwallows eyinika ithemba lokuthi isangalibamba iphuzu. Nokho uShalulile ube esemphendula ngokushesha eshaya elesine kwaba ngu 4-2.

Osekungaduduza iSwallows wukuthi namaqembu egaxele nawo odakeni lwezembe nawo akuzange kuwahambele kahle.

IBaroka ishaywe AmaZulu FC ngo 1-0 okusho ukuthi isayibambe emsileni, kanti yona isasendaweni ka-15.

Nokho uma ingaqhubeka nokuqhwandela emuva njengoba yenzile ibhekene neSundowns, ingazithole seyidlala kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.