Iwashiye eKapa amaphuzu iMaritzburg, kodwa asengabuya

Iwashiye eKapa amaphuzu iMaritzburg, kodwa asengabuya
UMduduzi Mdantsane
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Asale eKapa wonke amaphuzu amathathu ngesikhathi iCape Town City ishaya iMaritzburg United ngo 3-2 eDHL Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Kulo mdlalo weDStv Premiership kugqame amaphutha nokugeja kwiTeam of Chiefs ebivutha ibuye ibande.

Nokho lamaphuzu isangawabuyisa iMaritzburg uma kuyihambela kahle ecaleni elifake ngaphambi komdlalo.

Lo mdlalo uqale sekuvele kunesikhalo esifakwe yiMaritzburg kulandela ukungafiki namakhadi abadlali kweCity.

Igoli lokuqala leCity lize noMduduzi Mdantsane ngomzuzu ka-11.

Kube yisipho sikaKhisimuzi asiphiwe ngu-Alfred Ndengane obezama ukuphasa emuva, lathola uMdantsane walibeka phakathi.

Ithe ukuphaphama ngemuva kwalokho iMaritzburg izama ukubuyela emdlalweni.

Bekumele ilithole igoli ngomzuzu ka-22 kodwa uDaylon Claasen wageja imbuzi esebhokisini.

Isiwombe sesibili siqale ngokuthi iphinde ihuqe ubuthongo iTeam of Choice.

Ngomzuzu ka-48 uFragie Lakay ulihlawulisile iqembu laseMphithi eshaya igoli lesibili.

ULakay bekumele ashaye igoli lesibili yeCity kodwa waphila unozinti weMaritzburg, walixhimfela ngaphandle.

Amathuba ayekwe yiCitizens enze yabuyelwa ukuzethemba iMaritzburg yakha inqwaba yamathuba.

Kugcine kuthele izithelo ezinhle lokhulu ngomzuzu ka-70 ngesikhathi uLelethu Skelem eshaya igoli kuba ngu 2-1.

Ibisihlasela kakhulu ngemuva kwalokho iTeam of Choice ifuna elokhulinganisa.

Ngomzuzu ka-80 uHlongwane ulitholile ithuba lokushaya igoli kodwa waliqondisa ngqo kunozinti.

Kuvele konakala ezivakashini ngomzuzu ka-82 ngesikhathi uTashreeq Morris eshaya igoli lesithathu leCitizens.

Uthole ibhola elihle ebeligotshwe uLakay walingqofela phakathi.

Nokho abafana baseMphithi abalilahlanga ithemba nokuthe ngomzuzu ka-87 uHlongwane washaya igoli kwaba ngu 3-2.

Izamile ukuthi igoli lokulinganisa iTeam of Choice kodwa kwagcina kungavumanga.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.