Iwathole kunzima amaphuzu iPirates koweCAF

UVincent Pule we-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Iwasebenzele kanzima esimweni esingesihle amaphuzu amathathu i-Orlando Pirates esiqhwakele eqoqweni layo kwiCAF Confederation Cup ngemuva kokuhlula i-Enyimba yaseNigeria ngo 2-1 ngoLwesithathu kusihlwa.

Imvula ebeyiyithela yenze inkundla yase-Orlando, eSoweto yamanta futhi yagcina seyishelelela, obekwenza iBucs ingakwazi ukulidlisa utshani ibhola.

Nokho ikwenzile okufanele ukuze igxumele endaweni yokuqala kuGroup A njengoba seyinamaphuzu amane. Ilandelwa yi-Enyimba enamathathu.

IBucs ibiwuqale kahle umdlalo futhi yasheshe yalithola igoli ngesikhathi uDeon Hotto eqedela umnyakazo omuhle, elibeka enethini ngesithende ibhola.

Kodwa ngemuva kwaleli goli izinto zibe sezijika njengoba bear kuyi-Enyimba ehlasela ngamandla futhi kube neziqubu la beyisho ukuyiqeda iBucs.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, izivakashi zathola iphenathi ngemuva kokuthi uSiyabonga Mpontshane ewise umgadli we-Enyimba obesebhekene naye ngqo.

U-Odalapo Tunde ube esemphambanisa nebhola lonozinti, kwaba ngu 1-1. Ube nenhlanhla nokho uMpontshane ngoba unompempe akazange amkhiphe ngekhadi elibomvu.

Ngomzuzu ka-54, uVincent Pule uthole ithuba engaphandle kancane kwebhokisi le-Enyimba kodwa unozinti walivimba ibhola lakhe.

Ngomzuzu ka-61, uTshegofatso Mabasa – obengene endaweni kaLinda Mntambo – uthole ithuba kodwa wadlala ngalo eshaya into eziphuphele.

Ngomzuzu ka-75, iPirates nayo ibekelwe iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaGabadinho Mhango obesanda kungena.

Kodwa uMabasa uvele washelelela, wawela kulo ibhola walibhamuza phezu kwamapali. Beliyidliva vele imvula, benkundla imanzi.

Nokho ubuye waba nenhlanhla lol mgadli osanda kwelulama ekulimaleni, washaya igoli lokuwina ngomzuzu ka-89.

IBics seyizojika amehlo iwabhekise kwiDStv Premiership la inomdlalo onzima bezimbangi zayo zakudala iKaizer Chiefs ngeSonto ntambama.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.