IWE NGOPHONDO: Ibuye inyobozela eGhana iBafana

Kuphele nya ngephupho lokuyodlala kwiNdebe yoMhlaba kwiBafana Bafana kulandela ukushaywa yiGhana ngo 1-0 emdlalweni wokuhlunga ngeSonto. Iqembu lakuleli beliye kulo mdlalo lazi ukuthi kumele likugweme ukushaywa ukuze liyodlala imidlalo yokuhlunga yokugcina. Nokho iGhana inqabile ukwenzela iBafana izinto zibe lula njengoba ivele yacindezela zisuka. Iqembu lasekhaya belihlasela kuvalwe amehlo emizuzwini yokuqala nobekwenza ukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukubamba ibhola isikhathi eside. IGhana ibithola amakhona elandelana nobekufaka ingcindezi kwiBafana. Kube enye yamakhona eholele ekutheni kungene igoli ebilokhu ilifuna iBlack Stars. Ibhola ebeliyikhona liwele ebhokisini unompempe wathi uRushine de Reuck uphushe umdlali weGhana, wase elikhomba emlotheni. Iphenathi ithathwe ngukaputeni u-Andre Ayew ngomzuzu ka-33. Kusazokhulunya isikhathi eside impela ngale phenathi ngoba kubukeke sengathi uDe Reuck akazange amthinte nakancane umdlali waseGhana. Nokho okubalulekile kwiGhana ukuthi igcine iwuwinile umdlalo yadlulela esigabeni esigabeni esilandelayo. Ukushaywa kweBafana akungabazeki ukuthi kuzomphoxa umqeqeshi uHugo Broos obesehambe ibanga elide neqembu lesizwe ezama ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba. Lo mqeqeshi ubeqala ukushaywa selokhu ethathe izintambo kwiBafana ezinyangeni ezidlule. Sekunesikhathi eside iBafana ingalubhadi kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yokuhluleka ukuzibekisela indawo kule midlalo ehlonishwayo emhlabeni. Mhlawumbe into angazithethelela ngayo uBroos ukuthi usalakha iqembu njengoba abadlali abaningi abasebenzisayo besebancane. IGhana izodlala imidlalo yokuhlunga nelinye lamaqembu ayisishiyagalolunye aqede ephezulu emaqoqweni awo. Mahlanu kuphela amaqembu ase-Afrika azoya kwiNdebe yoMhlaba.
UMBIKO: Sihle Ndlovu 
ISITHOMBE: Twitter 

Kuphele nya ngephupho lokuyodlala kwiNdebe yoMhlaba kwiBafana Bafana kulandela ukushaywa ngo 1-0 yiBlack Stars eGhana  emdlalweni wokuhlunga ngeSonto.

Iqembu lakuleli beliye kulo mdlalo lazi ukuthi kumele likugweme ukushaywa ukuze liyodlala imidlalo yokuhlunga yokugcina.

Nokho iGhana inqabile ukwenzela iBafana izinto zibe lula njengoba ivele yacindezela zisuka.

Iqembu lasekhaya belihlasela kuvalwe amehlo emizuzwini yokuqala nobekwenza ukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukubamba ibhola isikhathi eside.

IGhana ibithola amakhona elandelana nobekufaka ingcindezi kwiBafana.

Kube enye yamakhona eholele ekutheni kungene igoli ebilokhu ilifuna iBlack Stars.

Ibhola ebeliyikhona liwele ebhokisini unompempe wathi uRushine de Reuck uphushe umdlali weGhana, wase elikhomba emlotheni.

Iphenathi ithathwe ngukaputeni u-Andre Ayew ngomzuzu ka-33.

Kusazokhulunya isikhathi eside impela ngale phenathi ngoba kubukeke sengathi uDe Reuck akazange amthinte nakancane umdlali waseGhana.

Nokho okubalulekile kwiGhana ukuthi igcine iwuwinile umdlalo yadlulela esigabeni esigabeni esilandelayo.

Ukushaywa kweBafana akungabazeki ukuthi kuzomphoxa umqeqeshi uHugo Broos obesehambe ibanga elide neqembu lesizwe ezama ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Lo mqeqeshi ubeqala ukushaywa selokhu ethathe izintambo kwiBafana ezinyangeni ezidlule.

FUNDA NALA: IPirates ifuna ukushintshisa uLetsoalo ngoMhango

Sekunesikhathi eside iBafana ingalubhadi kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yokuhluleka ukuzibekisela indawo kule midlalo ehlonishwayo emhlabeni.

Mhlawumbe into angazithethelela ngayo uBroos ukuthi usalakha iqembu njengoba abadlali abaningi abasebenzisayo besebancane.

IGhana izodlala imidlalo yokuhlunga nelinye lamaqembu ayisishiyagalolunye aqede ephezulu emaqoqweni awo.

Mahlanu kuphela amaqembu ase-Afrika azoya kwiNdebe yoMhlaba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.