IWestern Province ilengela ehlazweni elibi kwiCarling Currie Cup

IWestern Province ilengela ehlazweni elibi kwiCarling Currie Cup
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IWestern Province ibhekene nehlazo lokusala ngaphandle emaqenjini amane azodlala imidlalo eyandulela owamanqamu kwiCarling Currie Cup ka-2021.

ISigma Lions, esendaweni yokugcina kwilogi, neToyota Cheetahs, esendaweni yesithupha, sebevele ngeke besadlulela phambili yize kusazodlalwa imidlalo yokugcina esigabeni samaphuzu ngempelasonto.

IWestern Province izenzele izinto zaba lukhuni kakhulu ngokuvumela ukushaywa yiTafel Lager Griquas ngo 46-25 ngeSonto.

Ukushaywa kanje kweWestern Province kuchaza ukuthi ayikwazanga ukuthola iphuzu lebhonasi njengoba ishaye ama-try amathathu kuphela.

Bese kungokwesibili iGqriquas idedela isibhaxu kwiWestern Province kule sizini yeCurrie Cup. Emdlalweni wokuqala eCape Town Stadium, iqembu laseKimberly limangaze iWestern Province liyishaya ngo 30-28.

Ayigcinanga lapho iGqriquas njengoba iphinde yashaya iLions ngo 41-31, yase ilandelisa ngeCell C Sharks eyishaye ngo 37-27.

IVodacom Blue Bulls neSharks bavele sebedlulele phambili ngoba alikho iqembu elingakwazi ukubafica ngokwamaphuzu.

Nokho la maqembu azolwela ukuyiwina imidlalo yokugcina ukuze kuhlaluke iqembu elizoqeda phezulu.

Njengamanje ahlukaniswe amaphuzu amane. AmaHiligwa kuzomele angavumi ukushaywa yiNew Nation Pumas emdlalweni wokugcina ozodlalelwa eKimberly, ukuze angasuki endaweni yesithathu.

Nokho nePumas izolwa kulo mdlalo ngoba ayifuni ukusuka endaweni yesine. Lokhu kuchaza ukuthi kuzosiphuka izidindi kulo mdlalo.

FUNDA NALA: UBaxter akasiboni isidingo sokwengeza kubadlali anabo kwiChiefs

IWestern Province inomdlalo onzima kakhulu njengoba izobhekana neSharks eJonsson Kings Park emdlalweni wokugcina.

Uma leli qembu lingawini kulo mdlalo kuzobe sekuphelile ngalo kwiCurrie Cup ka-2021. Njengamanje iWestern Province isendaweni yesihlanu kwilogi.

Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngoSepthemba 4, kanti owamanqamu uzodlalwa ngoSepthemba 11.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.